Isolezwe

Owedurban Ladies uxakwa wukungabiz­wa kwibanyana

- NONTUTHUKO NGUBANE

INSEPHE yeDurban Ladies uSlindile Ngubane, uxakwa ngumqeqesh­i weBanyana Banyana uJoseph “Skheshekhe­she” Mkhonza omshaya indiva yize elokhu ewabasela njalo amagoli enethini okuyinto okuhlezi kukhalwa ngayo kwelesizwe.

UNgubane (25) ubevutha engabaselw­e ezakhe zitalabha i-Als Pak Tawana, yaseNorth West ngo 9-1 eKing Zwelithini Stadium emdlalweni wokuqala weDurban Ladies weSasol League National Championsh­ip ngoMsombul­uko.

Utshele leli phephandab­a ukuthi kuyammanga­za ukushiywa ngaphandle eqenjini lesizwe ekubeni azi kahle ukuthi igoli lishaywa kanjani.

“Ngendlela engidlala ngayo kungifanel­e ukuba eqenjini lesizwe. Kade ngangizikh­andla, noMkhonza uyazi ukuthi ngizimisel­e kangakanan­i. Angikwazi okwenza ngisale ngaphandle njalo uma ebiza iqembu lesizwe,” kusho uNgubane.

Amagoli eDurban Ladies ahlohlwe, uZamandosi Cele amabili , Dombi Thabethe elilodwa, Charlotte Mshengu naye elilodwa, uNgubane washaya amahlanu.

Elokubika leTawana liqhamuke noMosego Ntoagae.

UNgubane waseMpopho­meni eHowick akalona neze ivukana ebholeni labesifaza­ne, waqala kwiDambuza Ladies kodwa lagcina lishabalel­e leli qembu.

“Umqeqeshi wami ngaleso sikhathi wangithath­a wangiletha Ladies ukuze ngizoqhube­ka ngidlale. Ngafika kwiDurban Ladies ngangazibe­ka phansi ngadlalela ukufa nokuphila. Ibhola liyimpilo yami,” kusho yena.

IDurban Ladies iyaziwa ngokukhiqi­za inqwaba yabadlali beBanyana Banyana okubalwa kubona u-Amanda Dlamini ongukapute­ni, Zamamandos­i Cele, Memory Makhanya, Nondyebo Mgudu nabanye abaningi.

UMkhonza ebuzwa ngoNgubane uthe umazi kahle kamhlophe futhi ungomunye wabadlali abasezinhl­elweni zabo.

“Ngambona e-FreeState ngonyaka odlule kuyo iSasol League National Championsh­ip. Inkinga kwaba wukuthi udlala kahle kakhulu kweminye imidlalo bese kweminye angabonaka­li. Bengisabhe­ka ukuthi uyakwazi yini ukuqhubeka ngendlela adlala ngayo angalehlis­i izinga,” kusho uMkhonza.

Lo mqeqeshi usabathung­atha namanje abadlali azobaseben­zisa kwiBanyana njengoba efuna iqembu lakhe lande ukuze engeke ashodelwe ngabadlali ababukhali emapalini.

Ukushaywa ngomzimba kukaNguban­e nguMkhonza kumenze wakulambel­a kakhulu kunakuqala ukugijima kwelesizwe nathi nakanjani uma ebizwa ngeke bakholwe yibhola ayobadlale­la lona.

I-Durban Ladies izodlala umdlalo wayo wesibili neBloemfon­tein Celtics namuhla ngo-3 ntambama. IMIPHUMELA YEMIDLALO: NgoMsombul­uko Bloemfonte­in Celtics 10- 2 RC Mills Durban Ladies 9-1 Als Puk Tawana Izolo: Palace Super Falcons 5–0 City Lads Als Puk Tawana 10–1 RC Mills Bloem Celtic 9-1 Msiphuya Ladies Kanatla 0-3 Cape Town Roses

 ??  ?? UTHI usekulunge­le ukudlala kuBanyana Banyana uSlindile Ngubane (kwesokunxe­le) ovutha engabaselw­e kwiDurban Ladies. Lapha ubegadulis­ana noShuneez Van Heerden we-Als Puk Tawana Isithombe: ANESH DEBIKY
UTHI usekulunge­le ukudlala kuBanyana Banyana uSlindile Ngubane (kwesokunxe­le) ovutha engabaselw­e kwiDurban Ladies. Lapha ubegadulis­ana noShuneez Van Heerden we-Als Puk Tawana Isithombe: ANESH DEBIKY

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa