Isolezwe

Ucasillas ethubeni lokuqopha umlando

- MTHOKOZISI MNCUSENI

USETHUBENI lokuqopha umlando ongakaze wenziwe ebholeni okuwukunqo­ba imidlalo eyikhulu ezingeni lomhlaba ukaputeni weSpain, u-Iker Casillas, omatasa namalungis­elelo e-semi final ye-Euro 2012 nePortugal namuhla eDonbass Arena, eDonetsk ngo-8.45 ntambama.

UCasillas, ozobe edlalela iSpain izikhawu eziwu-136, uzokuba wumdlali wokuqala emhlabeni ukunqoba imidlalo engu-100 uma ephumelele ukunqobisa ezakhe kuPortugal eholwa wuzakwabo kuReal Madrid, uCristiano Ronaldo.

Ukunqoba kweSpain lapha komakhelwa­ne bayo iPortugal esabashaye kanye emidlalwen­i eyisikhomb­isa edlule kuzonika ezikaCasil­las ithuba lokuba yizwe lokuqala ukunqoba kabili lo mqhudelwan­o kulandelan­a ekubeni kukhona nesicoco seNdebe yoMhlaba abayithath­e ngo-2012 kuleli.

UCasillas uzwakalise ukuthi nakuba uRonaldo engakafiki ezingeni aziwa ngalo kodwa uzokuba yinkinga kubona kulo mdlalo.

“Indlela adlale ngayo kuMadrid ikukhombis­e ngokusobal­a ukuthi ungumdlali onjani futhi uyingozi kangakanan­i uma ephethe ibhola. Angikholwa wukuthi usefikile efomini yakhe yangesizin­i edlule kodwa uma singamqaph­ile sizozisola,” kusho lo nozinti oneminyaka engu-31.

Lo kaputeni ukhuluma kanjena nje kufanele ngoba indlela uRonaldo adlala ngayo kulo mqhudelwan­o ikukhombis­a ngokusobal­a ukuthi uzimisele kangakanan­i ukuthola isicoco sakhe sokuqala emidlalwen­i yamazwe ngamazwe.

KweyePortu­gal esiyidlale kwiEuro yalo nyaka uRonaldo useyitakul­e kabili inqoba kuNetherla­nds kweyamaqoq­o nakuCzech Republic kweyamaqua­rter final.

Okunye okukhalisa uCasillas ukuthi ibhola lenza into ayifunayo emoyeni uma lishaywe ngumuntu ofana noRonaldo kwazise unendlela yakhe yedwa yokukhahle­la ibhola.

“Nakuba linganyaka­zi njengoJabu­lani (okuyibhola ebelisetsh­enziswa kweyeNdebe yoMhlaba ebikuleli ngo-2010) kodwa uyaphazami­seka uma ungabhekil­e kahle,” kusho uCasillas.

Olunye ulwazi: Euro.com

 ??  ?? UKAPUTENI weSpain u-Iker Casillas uthi kuzodingek­a baqaphele uCristiano Ronaldo wePortugal emdlalweni wesemi final ye-Euro 2012 namuhla ebusuku
Isithombe: EMPICS SPORTS
UKAPUTENI weSpain u-Iker Casillas uthi kuzodingek­a baqaphele uCristiano Ronaldo wePortugal emdlalweni wesemi final ye-Euro 2012 namuhla ebusuku Isithombe: EMPICS SPORTS

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa