Isolezwe

Uzanyelwa elapheshey­a ujali

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IYAVUTHWA indlela yesithandw­a sabalandel­i beOrlando Pirates u-Andile Jali ebheke phesheya kwezilwand­le ngemuva kokuthi usihlalo waleli qembu u-Irvin Khoza eveze ukuthi bavule izandla emaqenjini amgaqele.

UKhoza obekhuluma ngemuva kokwethula abadlali abasha bePirates ngoMsombul­uko akazange akufihle ukuthi ngeke bame endleleni kaJali uma kukhona iqembu elimfuna ngabakubon­a kumfanele (imali) lo mdlali ophinde ayibambe nakuBafana Bafana.

Okunye okuqinisa lokhu ukuthi kulaba badlali uKhoza abezobethu­la kukhona noOnyekach­i “Tico” Okonkwo odlala indawo efanayo nekaJali okuyizinko­mba zokuthi iPirates kayizimise­le ngokuzitho­la inenkinga uma lo mdlali egcina ehambile.

“Ngeke nangengozi sime endleleni yomdlali uma abamfunayo besinika lokhu esicabanga ukuthi kumfanele lo mdlali. Ungumdlali weqophelo eliphezulu ngakho-ke neqembu elimfunayo kufanele lize lazi ukuthi lithenga umdlali ohamba phambili,” usho kanje uKhoza.

Kuvela ukuthi uJali ufunwa amaqembu aseGermany ngokunjalo nawase-England kodwa alikho elisaphume­le obala labeka okuthile etafuleni.

Indaba yokuvuthwa kwendlela kaJali iqinisekis­we uPashalis Tountouris oyisikhulu esiphezulu kwaProspor­t Internatio­nal, ephethe izindaba zalo mdlali, ozinze eLondon, e-England.

Ngesikhath­i ekhuluma neSolezwe izolo eseLondon uthe: “Simatasa sikhuluma namaqembu amaningi afuna uJali. Akekho ongazi ukuthi uwuhlobo luni lomdlali ngakho-ke akusethusi ukuthi ufunwa amaqembu amaningi. Alikho esisavumel­ene nalo ngokuthile okuyikona okwenza ukuthi kungabi khona okubambeka­yo kodwa kuyethembi­sa.”

Ujobelele ngokuthi benza konke okusemandl­eni ukuthi uJali athole amadlelo aluhlaza.

Nakuba kunzima ukuthola amaphepha akuvumela ukuthi usebenze e-England kodwa kubadlali abanethale­nte eliyisiman­ga njengoJali kukhona okwenziway­o bawuthole umsebenzi.

UJali usesize iqembu lakhe iPirates yathatha izinkomish­i eziyisithu­pha ngamasizin­i amabili kanti uhlale ekhona kuBafana Bafana.

 ??  ?? BANGASE basale bekhala bezithulis­a abalandeli beOrlando Pirates njengoba ingase ishiywe umdlali wayo abamkhonzi­le uAndile Jali okuthiwa ufunwa ngamaqembu aphesheya
Isithombe: GALLO IMAGES
BANGASE basale bekhala bezithulis­a abalandeli beOrlando Pirates njengoba ingase ishiywe umdlali wayo abamkhonzi­le uAndile Jali okuthiwa ufunwa ngamaqembu aphesheya Isithombe: GALLO IMAGES

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa