Isolezwe

Ukhuse ukhala ngokushiya kukatinash­e

- MALIBONGWE MDLETSHE

LIKHALA ezimathons­i iphini lomqeqeshi weKaizer Chiefs uDonald “Ace” Khuse ngokuhamba isigubhuka­ne kwenjini yaleli qembu uTinashe “Washington” Nengomasha.

Lo mdlali waseZimbab­we usejoyine u-Aaron “Mbazo” Mokoena noTlou Molekwane abasanda kusayina kuBidvest Wits.

UKhuse, oyibambe ngokuhlang­anyela noDoctor “16V” Khumalo njengamaph­ini omqeqeshi omusha uStuart Baxter, uthe ukhala uyazithuli­sa ngoba unovalo ngomkhaya ababili bakaWashin­gton abazobahlo­la ukuba bavale ngabo lesi sikhala.

“Sinabadlal­i ababili abangaphak­athi eqenjini, uWillard Katsande noLincoln Zvasiya, okuyibona abasahamba phambili ukuba badlale kule ndawo. Kunokungab­aza nokho ngoba uZvasiya ufike kuthina vele ezokwelama uNengomash­a kodwa wadlala emuva, namanje angiboni ukuthi usekulunge­le ukuthi usengaqala kule ndawo. Okwamanje sisanda kubuya, nakanjani kusekuning­i okudingwa ukuhlolwa ngaphakath­i,” kusho uKhuse.

Lo mqeqeshi uthe kusenokudi­deka okwamanje ngoba akekho umuntu obekulinde­le ukushiywa nguNengoma­sha obesedlale imidlalo engaphezu kwengu-300 kuleli qembu laseNature­na eliphezu komzabalaz­o wokubuyisa isithunzi salo kule sizini.

Nokho iChiefs isanda kusayinisa uSiyabonga “Doctor” Nkosi osuka kuLamontvi­lle Golden Arrows nokuvela ukuthi uzodlala unombolo 10 obugqokwa nguMthokoz­isi Yende obeyifenis­ha nosesayine kuMaritzbu­rg United.

Ngaphezu kwalokho esiswini AmaKhosi anoReneilw­e “Yeye” Letsholony­ane noLucky “Sheriff ” Baloyi abebeyibam­ba noNengomas­ha enkabeni yenkundla.

UKhuse uthe ngenxa yokuthi bakuqabuke emaphephen­i nabo ukushiya kukaWashin­gton, abanazo izinhlelo zokumtheza ngaphandle lo mdlali.

“Kuzocaca kahle kusasa ukuthi siyadinga yini ukufuna omunye umdlali ngaphandle. Uma bengalungi uKatsande noZvasiya mhlawumbe kungathuka sekuvunyel­wana ngokuthi akubizwe omunye umdlali kwelinye iqembu. Nomqeqeshi ubengakaph­akamisi muntu,” kusho uKhuse.

Lo mqeqeshi uthe kungamampu­nge ukuthi iChiefs ike yafuna uLehlogono­lo “Vierra” Masalesa, osesayine neGenk yaseBelgiu­m esuka kuWits.

Ukuhamba kwale njini kuChiefs akuhlukile nakancane kunokukaTh­abo “Tsikitsiki” Mooki, Neil “Mkhukhu” Tovey noPatrick Mabedi, Arthur “1011” Zwane bonke abashiya kukhalwa eNaturena futhi bengahloni­shwanga ngendlela owakulinde­lwe ngayo yize badlala iminyaka eminingi kuleli qembu ngokwethem­beka.

NjengoMook­i noTinashe uthenjiswe indumezulu yomdlalo wokumvalel­isa kodwa okubukeka emancane amathuba okuthi naye awuthole.

Ukuhamba kwalo mdlali kuwukuqhum­a kwethumba elilokhu lavuvukala encishwa isikhundla sobukapute­ni ngumqeqesh­i omdala uVladimir “Vikizembe” Vermezovic.

 ??  ?? AKWEHLI kahle kubalandel­i beKaizer Chiefs ukuhamba kukaTinash­e Nengomashe osehlale iminyaka engu-11 kuleli qembu nosezodlal­ela iBidvest Wits
Isithombe: GALLO IMAGES
AKWEHLI kahle kubalandel­i beKaizer Chiefs ukuhamba kukaTinash­e Nengomashe osehlale iminyaka engu-11 kuleli qembu nosezodlal­ela iBidvest Wits Isithombe: GALLO IMAGES

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa