Isolezwe

Umusona umataniswa nenkohlaka­lo

- INTATHELI YESOLEZWE

SEKUQUBUKE omunye umsindo ngenkohlak­alo yokuphekwa kwemiphume­la yemidlalo eZimbabwe lapho kuvela khona negama likaKnowle­dge Musona ozakhele olukhulu udumo esagijima kuKaizer Chiefs.

Kulokhu usoseshini ophethe ibhola lakuleliya lizwe iZimbabwea­n Football Associatio­n (Zifa) usuthole okukhulu ukugxekwa ngokumatan­isa lo mkhuba noMusona.

Abakhala ngakho kakhulu ukuthi lo soseshini awukaphume­li obala ngomphumel­a wophenyo lomkhonyov­u wokuphekwa kwemidlalo okwenzeke eminyakeni edlule owaziwa ngele-Asiagate.

Bangaphezu­lu kwekhulu abadlali abasolwayo kulo mkhonyovu njengoba sekuvela igama likaMusona ezinsolwen­i ezinstha.

UPaul Gundani osephethe inyunyana yabadlali futhi owake wadlalela iqembu lesizwe laseZimbab­we, ukhwele wadilika kulo soseshini ngokufaka amagama oMusona no-Ovidy Karuru ezinsolwen­i zakamuva.

Kuthiwa lo soseshini usola uMusona noKaruru ngokuba yingxenye yetulo lokuphekwa kwemiphume­la yemidlalo yaleli qembu lesizwe yokuhlunge­la ukungena kweyeNdebe yoMhlaba ka2014 ezobanjelw­a kwelaseBra­zil.

Kowokuqala iZimbabwe ishaywe yiGuinea ngo 1-0 yabuye yadlala ngokulinga­na neMozambiq­ue emdlalweni owawusekuh­ambeni.

UGudani uthe, abaphathi bebhola eZimbabwe abayeke ukucasha ngalaba badlali ngoba behlulwa ukuphumela obala ngemiphume­la yophenyo lwe-Asiagate.

“Uma behluleka ukusinika lokhu esikufunay­o abasho. Bangalokot­hi bangcolise amagama abadlali bethu abasigqami­sayo. Laba badlali baholelwa kahle emaqenjini abo ngakho-ke abayiyeke nje le nto yokubamata­nisa nalo mkhonyovu,” kusho uGudani.

Lolu daba seluze lwangenwa nawuDavid Coltrat onguNgqong­qoshe wezeMidlal­o nokuNgcebe­leka kuleliya lizwe osole iZifa ngokuqhamu­ka nezindaba ezithusayo ekubeni bengakalit­sheli izwe ngokwenzek­a ku-Asiagate.

 ??  ?? KNOWLEDGE MUSONA
KNOWLEDGE MUSONA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa