Akucaci ngesicoco se-sa welterweight
KUSEMNYAMA ngozoqhatha impi yesicoco se-SA welterweight osekuyophela unyaka singaphethwe muntu yize sekukhona abashayisibhakela abasivivele.
Isolezwe lithole ukuthi kuze kube manje akekho uphromotha osethinte abaphathi bakaTsiko Mulovhedzi waseLimpopo noBoitsepo Mandawe mayelana nokubaqhatha. IBoxing South Africa (BSA) yakubeka kwacaca ukuthi uma kuze kuphela inyanga engekho uphromotha ofinyelela esivumelwaneni nabashayisibhakela, ukuqhatha le mpi sekuyobangwa esidlangalaleni.
Leli bhande le-welterweight selokhu lashiywa nguChris “The Heat” Van Heerden ngoSepthemba nyakenye emuva kokunqoba ele-International Boxing Organisation (IBO) welterweight ehlula uKaizer “The Animal” Mabuza empini eyayise-Emperors Palace, eGoli.
Ngaphandle kokuthi libukeka lisazolala izintuli leli bhande, selibe nezihibe eziningi. Nyakenye impi yokulibanga phakathi kukaMsizi Qwabe waseMandeni noMulovhedzi yahlehla izikhawu eziningana. Kwathi ngesikhathi kufanele balibange eThekwini, iBSA yabashintshela esiswini njengotshwala ngomzuzu wokugcina, yathi bobabili laba bashayisibhakela kade bagcina ukulwa ngakho kufanele balwe izimpi zokuhlunga.
UMulovhedzi kwathiwa kufanele alwe eyokuhlunga noScelo Mzobe kodwa kwaphinda kwavela enye inkinga ngesikhathi uMzobe engafiki empini. Lokho kuholele ekutheni uMulovhedzi athole ithuba lokubhekana noMandawe engajulukanga. UMandawe wehlule uMthobisi Buthelezi emasontweni adlule.
Uphromotha kaMulovhedzi, u-Enoch Nxumalo, uthe sekuqala ukuba kubi kumshayisibhakela wakhe ngenxa yokungatholi umuntu azomqhatha naye kweyesicoco.
“Akukaveli lutho namanje, sisalindile. Siyethemba ukuthi kukhona ozoqhamuka,” kusho uNxumalo oveze ukuthi uvinjwe yimali ukuthatha le mpi.
Uma iBSA imthola ozoyiphromotha le mpi, ingase ibe ngo-Agasti noma ngoSepthemba.
Yize isikhulu seBSA, uLoyiso Mtya, atshela leli phephandaba ukuthi bavule izandla kubo bonke ophromotha abafuna ukuqhatha uMulovhedzi noMandawe kodwa kuvele ukuthi umqeqeshi kaMandawe, uNick “Mthakathi” Durandt usemchithile omunye wase-Eastern Cape obezimisele. Kuthiwa utshele uNxumalo ukuthi le mpi ingamane iqhathwe nguBranco Milenkovic weBranco Sports Production (BSP) okuvele ukuthi akafuni nakuyizwa indaba yayo.