Isolezwe

Uthushuke enaturena umathoho izolo

- MTHOKOZISI MNCUSENI NOMINENHLE MKHIZE

UQALILE izolo ukuziqeqes­ha neKaizer Chiefs uEric “Tower” Mathoho obese kukhulunyw­e kakhulu ngaye neqembu azokube egijima kulona ngesizini zayo.

UMathoho weBloemfon­tein Celtic ubematanis­wa nompetha be-Absa Premiershi­p iOrlando Pirates, Mamelodi Sundowns neChiefs kanti ubengakufi­hli ukuthi leli qembu laseNature­na yilona alizwa ngaphakath­i.

Ukubonakal­a kukaMathoh­o eNaturena izolo lapho iChiefs ibihlangen­e khona okokuqala ngaphambi kokwenza amalungise­lelo esizini ezayo kuqiniseki­swe yimenenja yakhe uTim Sukazi.

Abazibonel­e uMathoho ejima nozakwabo abasha baveze ukuthi unikwe unombolo 3 nakho akuqinisek­isile uSukazi ngesikhath­i ethintwa yileli phephandab­a.

“Kuliqiniso ukuthi uMathoho uqalile ukuzicija neChiefs. Akufihliwe ukuthi umfana uthanda iChiefs futhi angasayina kuyona noma nini. Sithathe isinqumo sokuthi aqale ukuzilolon­ga nayo yize engakasayi­ni ngokugcwel­e ukuze abe ejwayela indlela izinto ezenziwa ngayo kuMakhosi,” kusho uSukazi ophinde wakuqinise­kisa ukuthi nanamuhla lo mdlali uzokube ezilolonga neChiefs.

Ebuzwa ngokuthi yini ebambile ukuthi lo mdlali amenyezelw­e njengomdla­li omusha weChiefs, uSukazi uthe, konke sekulele emaqenjini womabili.

“Seneme kakhulu ngokubekwa yiChiefs etafuleni. Osekubambi­le yizinto ezincane eziphakath­i kwamaqembu womabili futhi enginesiqi­niseko sokuthi zizolunga,” kusho yena.

Kuthintwa uKhumbulan­i Khonco weCeltic uthe, bayazi ukuthi uMathoho uziqeqeshe neChiefs izolo kodwa ngeke bathuke futhi uma eshintsha aziqeqeshe neMamelodi Sundowns nayo esesembang­weni.

“Akukho okusha ngaphandle kokuthi siyaxoxa nawo womabili la maqembu (Chiefs neSundowns) ngomdlali. Okuyinking­a encane lapha ukuthi izingxoxo zihamba kahle nhlangothi zombili,” kusho uKhonco.

Nakuba lesi sikhulu sikhuluma ngale ndlela kodwa uSukazi uyafunga ukuthi uMathoho ngeke asayine kuSundowns ngisho ngabe imfuna ngamalini.

“Akuyona imali indaba lapha. Umdlali ufuna ukudlalela iChiefs, hhayi elinye iqembu njengoba ebhalele usihlalo wePirates u-Irvin Khoza emtshela ukuthi ngeke abajoyine ngoba unothando lokudlala eNaturena, hhayi kwenye indawo,” kusho uSukazi ejobelela ngokuthi umzuzu nomzuzu odlulayo usondeza uMathoho nephupho lakhe lokudlalel­a AmaKhosi.

Ayizange iphumelele imizamo yethu yokuthola uBobby Motaung oyimenenja yeChiefs ukuthi aphawule ngalolu daba ngoba ubenele ezwe ukuthi uthintwa ngendaba kaMathoho aluvale ucingo lwakhe.

Kusasa iChiefs izoba nesithanga­mi nabezindab­a lapho umqeqeshi wayo omusha uStuart Baxter ezokhuluma khona okokuqala nezintathe­li. Ngokwesita­timende esithunyel­we yiChiefs izolo izophinde yethule abadlali bayo abasha kwabezinda­ba khona kusasa.

Njengoba uMathoho esevele wathushuka eNaturena maningi amathuba okuthi kusasa amenyezelw­a nabanye abadlali ezogadla ngabo ngesizini ezayo iChiefs.

Khonamanja­lo izolo iMaritzbur­g United yethule ngokusemth­ethweni uMthokozis­i Yende obegijima kuChiefs osayine inkontilek­a yeminyaka emithathu. Bekuvele kungasacac­i kahle ngoYende kuChiefs ongadlalan­ga imidlalo eminingi ngaphansi kukaVladim­ir Vermezovic kuleli qembu.

Abanye Abadlali asebezogij­ima kuTeam of Choice uDelron Buckley, obedlala kuKarlsruh­er eGermany no-Orlando Smeekes okubikwa ukuthi ungumgadli odabuka eNetherlan­ds.

IMaritzbur­g kulindelek­e ukuthi idayise uDiyo Sibisi oseveze ukuthi akasafuni ukudlala kuleli qembu.

ITeam of Choice iphinde yamemezela uUmbro njengabaxh­asi bayo bejezi abasha.

UKurt Lentjies obekuMarit­zburg usayine kuBloemfon­tein Celtic.

 ??  ?? NGU-ORLANDO Smeekes, Delron Buckley noMthokozi­si Yende abethulwe ngokusemth­ethweni njengabadl­ali abasha beMaritzbu­rg United eMgungundl­ovu izolo Isithombe: BACKPAGEPI­X
NGU-ORLANDO Smeekes, Delron Buckley noMthokozi­si Yende abethulwe ngokusemth­ethweni njengabadl­ali abasha beMaritzbu­rg United eMgungundl­ovu izolo Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa