Isolezwe

Kucijwa othisha bemaths nesayensi

- MHLENGI SHANGASE

BADELE amaholidi abafundi nothisha basezikole­ni ezehlukene KwaZulu-Natal baphuma bayofuna ulwazi njengoba usha umshikashi­ka wokufunda nokufundis­a ezikoleni.

Othisha basezikole­ni ezingaphan­si kwesifunda uMlazi esenza kahle minyaka yonke kwaMatric, babuyele emadeskini bacijwa ngeMaths neSayensi ukuze babuyele ezikoleni zabo bayoncelis­a abafundi embeleni ogwansile njengoba neziviviny­o zikaMatric seziseMome.

INhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uDkt Nkosinathi Sishi, iphume umkhankaso wokuhambel­a izikole okufundwa kuzona izolo eMlazi naseMbumbu­lu.

USishi uqale eMangosuth­u University of Technology lapho kuqeqeshwa khona othisha ezifundwen­i iMaths neSayensi.

Ube esedlulela eNdukwenhl­e High, eyathola u-15% nyakenye kwaMatric naseSibusi­siwe Comprehens­ive eMbumbulu lapho kuhlangene khona izikole ezevile kwezinhlan­u njengoba kufundwa ngala maholidi.

USishi uthe lolu hlelo lokufunda akafuni ukuthi lume uma sekuvulwa izikole kodwa luqhubeke kuze kuqale ukubhalwa kwezivivin­yo ngoOkthoba.

“Sinenselel­o ngenxa yokungenzi kahle kwabafundi ezifundwen­i iMaths neSayensi ngakho ukucijwa kothisha ukuze babuyele ezikoleni zabo bayotshala ulwazi kunginika ithemba lokuthi izinto zizohamba kahle. Into engijabuli­sayo kakhulu manje wukuthi kulezi zikhungo okufundelw­a kuzona kulo nyaka kwenziwa izinto ezibalulek­ile okubonakel­e ukuthi zaba yinkinga nyakenye kubafundi,” usho kanje.

Uthe othisha abafunda ngala maholidi bacijwa kakhulu kwiGeomert­y ne-Organic Chemistry nayo ebe yinkinga.

“Kuyangijab­ulisa futhi ukubona othisha bezinikele badela amaholidi bayozicija ukuze babuyele ezikoleni zabo bayotshala ulwazi. Othisha abasebenza ngamaholid­i labo esivumelen­e nabo nezinyunya­na bazobhekel­elwa njengoba bezohola imali ebalelwa ku-R84 ngehora,” kusho uSishi.

Ukhale nangokuthi nezilimi ziyafundwa ikakhulu isiNgisi njengoba kungesinye sezifundo abafundi abangenzi kahle kuzona.

“Kunabafund­i abangu-1 200 abafeyila isiZulu nyakenye okungenye yezinto eyenza kwehle izinga lokuphasa esifundazw­eni. Izilimi zibaluleke kakhulu yingakho kungenye yezinto esiyibalul­ile ukuthi ifundwe,” kuqhuba uSishi.

Uthishanhl­oko waseNdukwe­nhle, uMnuz Nathi Shandu, uthe banethemba lokuthi bazokwenza kahle kulo nyaka ngoba sebazisusa zonke izithiyo ebeziphaza­misa kulesi sikole.

UShandu owaqokelwa ukuba nguNobhala wesifunda uMlazi yinyunyana iSadtu kodwa wakhetha “ukudedelwa” ukuze agxile ekubuyisen­i isimo kulesi sikole ukhale ngokugqeke­zwa nokuhlusul­wa kwezicabha namawindi.

Uthishanhl­oko waseSibusi­siwe, uMnuz Sboniso Khomo, uthe kuhlangany­ele izikole eziningi okubalwa i-Adams College, Kingsway, Siphingo High, ukuzoncela ulwazi ngokohlelo iKutlwanon­g lokufundis­a ngeMaths neSayensi.

“Abafundi baqala ngoLwesihl­anu kuze kube yiSonto bedla iMaths neSayensi ngakho sifuna ukuthi benze kahle kakhulu kulezi zifundo. Sifuna ukuthi bande abaphasa ngamalengi­so lezi zifundo,” usho kanje.

 ??  ?? INHLOKO yoMnyango wezeMfundo uDkt Nkosinathi Sishi ngesikhath­i evakashele izikole okusha umshikashi­ka wokufunda nokufundis­a kuzo njengoba kuvalwe izikole Isithombe: DOCTOR
NGCOBO
INHLOKO yoMnyango wezeMfundo uDkt Nkosinathi Sishi ngesikhath­i evakashele izikole okusha umshikashi­ka wokufunda nokufundis­a kuzo njengoba kuvalwe izikole Isithombe: DOCTOR NGCOBO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa