Imali eyachithwa kweze-New Age
UMNYANGO wezokuXhumana ngonyaka odlule uchithe imali ecishe ifinyelele ku-R1million ezithangamini nosomabhizinisi ezigqugquzelwa yiphephandaba eliphethwe ngabakwaGupta, iNew Age.
UNgqongqoshe womnyango, uNkk Ayanda Dlodlo, ukusho lokhu ephendula ilungu leDA, UChristian Hunsinger izolo. “Umnyango uchithe u-R988 689.84 esidlweni sasekuseni esithangamini esasihlelwe yileli phephandaba,” kusho uNkk Dlodlo.
Uthe lokhu kwenzeke ngesikhathi ungqongqoshe walo mnyango kusenguNkk Faith Muthambi.
Lokhu okuveziwe kwenze ukuthi iqembu eliphikisayo lihlabe ikhwelo lokuthi akudutshwe imithombo yezindaba ephethwe yilo mndeni okubalwa kuyo iThe New Age (TNA) ne-ANN7.
“Akusiyona imfihlo ukuthi iTNA inyuswe ngezigidi zemali eyayiqhamuka eminyangweni kahulumeni nezinkampani zikahulumeni ezaxhasa lesi sidlo ngezimali,” kusho okhulumela iDA uNksz Phumzile van Damme.
Uthe imithombo yezindaba yabakwaGupta isekelwe ngemali yabakhokhi bentela waveza nephuzu lapho uhulumeni wesifundazwe iFree State etshale imali kule mithombo.
Uthe selokhu kuputshuke ama-e-mail imithombo yezindaba yabakwaGupta yenza konke okusemandleni ukukhohlisa umphakathi.
“Sekuyisikhathi sokuthi siyeke ukuchitha isikhathi sethu ngeTNA ne-ANN7. Kumele siyeke ukuxhasa ngemali isiteshi i-ANN7 nephephandaba iTNA ukuze sibavimbe emkhankasweni wabo wokufafaza okungesilo iqiniso,” kuqhuba uNksz van Damme.
Indaba yesithangami sosomabhizinisi kulindeleke ukuthi ibuyekezwe njengoba ibhodi lesikhashana lakwa-SABC lethule izincomo.
Ngenyanga edlule ilungu lebhodi, uKrish Naidoo, litshele ikomiti lezokuxhumana ukuthi seliyibhalile incwadi eya ephephandabeni iTNA licela umhlangano wokuthi kudingidwe inkontileka abakuyo ne-SABC.
Ukulalelwa kwezethulo mayelana nokubandakanyeka kwe-SABC kulesi sidlo kwaqubula ukudideka.
Kwavela ukuthi nguMnuz Hlaudi Motsoeneng owayeseqhulwini kuhlewa imihlangano noMnuz Tony Gupta ngo-2011.