ICape Town City ayikaqedi ukusayinisa abadlali: Comitis
IYAPHITHIZELA iCape Town City emakethe selokhu kuvalwe isizini. Leli qembu laseKapa seliphinde lamemezela omunye umdlali elibheke ukuthi aqinise isikwati ngesizini ezayo.
Ngesonto eledlule iCity, etekiswa ngamaNoisy Neighbours, ihlokomise iningi, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana, ngemuva kokudalula ukuthi isisayinise umdlali weBafana Bafana wasesiswini, u-Ayanda Patosi.
UPatosi ubeyibamba kwiLokeren eBelgium njengoba esebuyela ekhaya eKapa. Leli qembu elingompetha beTelkom Knockout limemezele ukuthi selisayinise ukaputeni weqembu lesizwe laseMozambique uJeitoso (Joao Pedro Mussica).
Usihlalo weCity, uJohn Comitis, uthe abakaqedi futhi bahlale phansi nomqeqeshi u-Eric Tinkler babona ukuthi bazoba wusizo eqenjini abadlali ababasayinisayo nalabo abasazobasayinisa.
ICity ezoqeda unyaka yasungulwa, ngesizini ezayo izoyibamba kwiCAF Confederation Cup ngemuva kokuqeda endaweni yesithathu kwilog ye-Absa Premiership.
“Okumqoka wukuthi sizigcine sineqembu eliqinile. Asisayinisi noma ngubani. Abadlali esibasayinisayo esikade sibabheka. Sifuna abadlali abazofika bazinzise iqembu kakhulu kunakuqala. Ngeke sisayinise inqwaba. Mhlawumbe sesizofaka oyedwa noma ababili bese siyaqeda,” kusho uComitis.
Ngokusho kwakhe uJeitoso uyisitobha esisebenzisa unyawo lwesokunxele esisezingeni eliphezulu.
“Sambona nyakenye njengoba ebeseqenjini elilodwa no-Edmilson (Dove). Simbuke kahle nomqeqeshi sabona ukuthi uyilokhu esikudingayo. Bekumele sisayinise umdlali wasemuva ngemuva kokuhamba kukaJoseph Adjei ebesimboleke eGhana. Njengamanje sibheka umdlali odlala ohlangothini kwesokudla.”
UComitis uke waphumela obala ngokuthi ufuna umdlali weMamelodi Sundowns uPercy Tau noweKaizer Chiefs uSiphiwe “Shabba” Tshabalala.
“Ngebhadi laba badlali abatholakali mahhala njengoba benezinkontileka namaqembu abo. Angikakhulumi nawo,” kusho uComitis.
Njengoba iqembu lisayinise uPatosi okuke kwaba nemibiko yokuthi akaziphethe kahle kwiLokeren uthe: “Asikho isidingo sokuthi uzilungiselele ngokubhekana nomdlali okuthiwa uyahlupha uma ukwazi ukuphatha kahle abantu.”
Sekuke kwaba nemibiko yokuthi iCity izama ukuthola uSteven Pienaar, obedlala kwiSunderland noThulani Serero we-Ajax Amsterdam.