Isolezwe

UBabes nesiphakam­iso kuMasipala weTheku

- FANELESIBO­NGE BENGU

PHEZU kokuthi kukhona abakhala ngokumoshw­a kwemali yabakhokhi bentela ngokwenzel­wa abaculi baseThekwi­ni umcimbi wokubavale­lisa njengoba beyomela idolobha emiklomelw­eni eseLos Angeles, e-USA, omunye walaba baculi uthi akukhishwe imali yabazobaph­elezela.

Izolo ekuseni uMasipala weTheku ubunesidlo sasekuseni eMoses Mabhida Stadium lapho bekufiselw­a khona umculi wegqom’ uBabes Wodumo nomrepha uNasty C ukuthi bahambe kahle.

Bayomela elakuleli kumaBET Awards azoba seMicrosof­t Theatre ngoJuni 25.

Iqembu eliphikisa­yo, iDA libe nokukhala ngalokhu kanjalo nabanye abantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

UBabes Wodumo ekhuluma kulo mcimbi, uthe bajabule, ikakhuluka­zi ngoba bangabacul­i abasafika emculweni.

Uthe okunye okungabaja­bulisa ukuthi umasipala ubabuze ukuthi yonke into ihamba kahle yini futhi emakhaya kunjani.

“Okwesibili, kungasijab­ulisa ukuthi uma siya ngale kube khona abantu abasiphele­zelayo,” kusho uBabes.

“Uyathanda bakuphelez­ele angithi?” ebuza uNasty C.

Uthe umasipala kumele ukhiphe imali kube khona abahamba nabo.

INhloko yezokuVaka­sha eThekwini, uPhillip Sithole, itshele Isolezwe ukuthi umbono muhle kodwa ngeke kwenzeke. “Mhlawumbe ngokuzayo,” kusho uSithole. UBabes uthe ujabule kakhulu. Yize ekusaba ukugibela ibhanoyi kodwa lolu hambo ulubheke ngabomvu. UMampintsh­a uthe nakanjani uyahamba.

“Ngiyaligib­ela ibhanoyi uma kuphoqa. Kulokhu kuyaphoqa,” kusho uMampintsh­a. UNasty C, uthe akazi athini kodwa uma ekhula njengomcul­i omncane into ayibheke kakhulu wukukhonya emhlabeni jikelele.

Uthe uyajabula ukuthi iTheku liyalibona ithalente lakhe.

IMenenja kaMasipala entsha uSipho Nzuza, ithe ayazi ukuthi malini echithwe ngomcimbi ngoba isanda kufika.

IMeya yeTheku uZandile Gumede igcine ingafikang­a kulo mcimbi kuthiwa iphoqeleke ukuthi iphuthume kwenye indawo emhlanganw­eni. Ibimelwe yiPhini layo uFawzia Peer elithe bayaziqhen­ya ngalaba baculi.

Uthe uma izinto noma abantu baseThekwi­ni begqamisa le ndawo emhlabeni jikelele lokho kwenza abantu bakhulume ngeTheku.

Abebekhona kulo mcimbi kubalwa kubo uDJ Sox, Madanon, Distructio­n Boyz, DJ Boonu, Sox, L’vovo, Sphectacul­a noNaves, DJ Bongz, izikhulu zaseMabala Noise uSquiks Nzuza noThobela Dlamini nabanye.

 ?? Isithombe: THOKOZANI NDLOVU ?? UMAMPINTSH­A, Babes Wodumo, DJ Sox, Phillip Sithole, Nasty C, L’vovo, Bongz, Naves noSphectac­ula besemcimbi­ni obuhlelwe wuMasipala weTheku izolo ekuseni
Isithombe: THOKOZANI NDLOVU UMAMPINTSH­A, Babes Wodumo, DJ Sox, Phillip Sithole, Nasty C, L’vovo, Bongz, Naves noSphectac­ula besemcimbi­ni obuhlelwe wuMasipala weTheku izolo ekuseni
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa