Uvo lukaDJ Tira kolwemiklomelo
UDJ Tira ongumphathi we-Afrotainment uluma uyaphephetha ngodaba olusematheni “lokuthengwa” kwemiklomelo eNingizimu Afrika.
Kusuke umsindo muva nje uBabes Wodumo ebuya eshwiba izandla kumaSouth African Music Awards (Sama) abeseRusternburg, eNorth West. UBabes kwakubhekwe ukuthi amuke nomklomelo wengoma evelele owagcina utholwe nguKwesta. UBabes nemenenja yakhe uMampintsha, ophethe iWest Ink, baqopha i-video abayifaka ezinkundleni zokuxhumana. Kuyona bakhomba abahleli bamaSama ngenjumbane bathi imiklomelo iyathengwa.
UBabes noMampintsha bakhala kanje nje nesilomo se-hip hop, uRiky Rick, sakhala esifanayo ekuqaleni konyaka siyokwamukela indondo kumaMetro FM Awards.
URiky Rick wasola inkampani ayekuyo iMabala Noise ngokuthenga imiklomelo.
Exoxa naleli phephandaba uTira uqale wakugxeka ukukhalela ukuwina kwabaculi abasafika emculweni.
“Uma ungena emculweni ufuna ukuduma kuba yinkinga ngoba uma ungasakutholi uphelelwa wumdlandla. Ungena kulo mkhakha ngoba unothando ngakho uzocula ngisho noma imklomelo ikhona ingekho. Gxila kulokho kuqala ukuthi ngilapha ukuzosebenza ngoba kufanele ngikhokhelwe nginakekele umndeni wami. Lezo zinto kufanele zikugqugquzele kodwa udumo alufanele ngoba luzifikele ngesikhathi esifanele,” kusho uTira.
Ebuzwa ukuthi wabaluleka yini oMampitsha noBabes emuva kwenkulumo yabo uthe: “Yebo, ngisho ngemuva kwesehlakalo samaSama sakhuluma. Ezinye izinto uzenza ngoba umoya usephezulu ngoba ubona zilungile ngaleso sikhathi. Kubalulekile kwesinye isikhathi ukungenzi lutho uma usathukuthele. Zinikeze isikhathi uphole bese uyazibuza ukuthi kwenzeken. Kodwa-ke iWest Ink yinkampani esencane esakhulayo, enekhono, ngiyazi ukuthi izinto zizolunga.” Akubuzwa ukuthi ukukhala kwabaculi ngemiklomelo kuzofaka enkulu ingcindezi kubahleli bayo.
“Esingakwenza wukucela abanamandla, abasezikhundleni eziphezulu ukuthi basisize basivikele. AmaSama abengcono kakhulu uma uwaqhathanisa namaMetro ngokubona ukuthi izinto zenziwe ngokwemali. AmaSama yimiklomelo ehlale izama ukuba nobulungiswa kubantu abaningi. Nokho kuyacaca ukuthi nabo bebengenabo ubulungiswa ngokuphelele kodwa bangenza kangcono. Noma kunjalo kodwa akufanele bathukwe,” kusho uTira.
“Nginesiqiniseko sokuthi nayo iWest Ink iyazisola. Baxolisa futhi abaziqhenyi ngalokho.”