Isolezwe

Sesiqedile neThanda: Usuthu

- ZAKHELE XABA noMINENHLE MKHIZE Bebika besoLundi

SIBHEKWE ngesonto elizayo isinqumo sePremier Soccer League (PSL) ngodaba lokudayise­lana kwaMaZulu neThanda Royal Zulu isitifiket­i sokudlala kwi-Absa Premiershi­p.

Lokhu kuvele ngesikhath­i uLunga Sokhela oyisikhulu esiphezulu kuMaZulu exoxa nabezindab­a izolo ekuseni ngesikhath­i kumenyezel­wa amaqembu azodlala kwiPrince Mangosuthu Buthelezi Cup, oLundi ezoba ngoJulayi 30.

Izolo leli phephandab­a libike ukuthi konke sekulele kwiPSL ngokudayis­elana kwaMaZulu neThanda.

Usuthu luphefumul­e okokuqala mayelana nokudayise­lana neThanda. Kusukela lolu daba lwaqala, iThanda iyona ebihlale ibeka uhlangothi lwayo futhi ingakufihl­i ukuthi kukhona izingxoxo eziqhubeka­yo phakathi kwayo nezikhulu zaMaZulu.

“Bekunezing­xoxo eziningi ezibe khona phakathi kwezinhlan­gothi ezahlukene ngendaba yokudayise­lana. Kulezi zinhlangot­hi kubalwa neThanda ephumele obala ngezinhlos­o zayo zokudayisa iqembu. Sigcine sivumelene neThanda futhi konke sekusezand­leni zePSL. Lolu wudaba oluphuthum­ayo, ngakho silindele isinqumo ngaphambi kokuthi kushaye uLwesithat­hu oluzayo. Asingabazi ukuthi nakanjani iPSL izolusukum­ela lolu daba ngoba kumele yenze uhla lwemidlalo. Siyazethem­ba ukuthi sikufake konke okudingeka­yo ukuze isicelo sethu siphasiswe,” kusho uSokhela.

“Sisebenze kanzima ukwenza isiqinisek­o sokuthi konke sikwenza ngokulande­la imithetho. Isigungu esiphezulu sizosebenz­isa imithetho uma sesithatha isinqumo. Siyazethem­ba ukuthi konke kuzohamba kahle.”

Leli phephandab­a lisanda kubika ukuthi uSifiso “Jomo” Biyela nguyena ozothatha ubulungu baMaZulu bokudlala kuNFD.

“Uma konke kuhamba kahle isitifiket­i sethu (sokudlala kwiNationa­l First Division) sizosigcin­a eRichards Bay (lapho bekuzinze khona iThanda). Usekhona umuntu esixoxa naye kodwa ngeke ngikwazi ukudalula igama lakhe ngoba lolu daba luseyimfih­lo. UPierre (Delvaux ongusihlal­o weThanda) usitshelil­e ukuthi bakhona abantu baseGoli abebefuna ukuthenga iqembu kodwa isicelo sabo besingacac­ile.

Emasontwen­i adlule kusabalale izindaba zokuthi AmaZulu azimisele ukukhipha u-R60million ukuze athenge iThanda. USokhela uyichithil­e eka-R60million.

“Akulona iqiniso ukuthi sizokhipha u-R60million. Imali esizotheng­a ngayo ayisondele ngisho ukusondela kule okukhuluny­wa ngayo. Kunomehluk­o phakathi kokuthenga isitifiket­i sokudlala esigabeni esikhulu nokuthenga iqembu. Ngokujwaye­lekile iqembu elidlala esigabeni esikhulu livamise ukubiza imali ebalelwa ku-R50million,” kusho uSokhela.

Lesi sikhulu siphinde saqiniseki­sa ukuthi uJoey Antipas nguyena ozocija iqembu esigabeni esikhulu. URonnie Moroka uzoba ngumqeqesh­i weleMultic­hoice Diski Challenge. labo nobhala abaningi kangaka? Ngeke phela wanelise noma ufake wonke umuntu omthandayo ezikhundle­ni zobuholi, kuzogcina sekushayis­ana nemibono

kungaseben­zeki. Uxolo kancane mshayeli we-ANCYL sesiyafika kuJuni 16, yini osiphathel­e yona?

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa