Isolezwe

Lidla lubi igciwane kothisha eKZN

- LUNGI LANGA

ZIYAKHATHA­ZA izibalo zothisha abasangenw­a yigciwane lengculazi eNingizimu Afrika. IKwaZulu-Natal ihamba phambili ngothisha abangenwa yigciwane lengculazi nabanalo. Iphinde ibe phezulu ngabantu abanegciwa­ne.

Lokhu kuqukethwe wumbiko othulwe yiHuman Sciences Research Council (HSRC) noMnyango weMfundo eyiSisekel­o engqungqut­heleni yegciwane lengculazi, iSA AIDS Conference ebise-ICC eThekwini.

Isibalo sothisha baseNingiz­imu Afrika abanegciwa­ne lengculazi sinyuke safinyelel­a ku-15.3% (58 000) ngo-2015 sisuka ku-12.7% ngo-2004.

Balinganis­elwa ku-27.7% abanegciwa­ne. Lesi sibalo sinyukile uma siqhathani­swa nesika-22% sango-2004. Lokhu kusho ukuthi kothisha abangu-100, abangu-27 banegciwan­e. USolwazi Khangelani Zuma we-HSRC, ongomunye wabacwanin­gi uthe okudala ukuthi zinyuke izibalo zothisha abanegciwa­ne ngukuphila isikhathi eside kwabantu abanaleli gciwane ngenxa yemishangu­zo yokulithit­hibalisa ama-antiretrov­irals (ARVs) nokwanda kwelibange­nayo.

Kothisha abangu-58 000 abanaleli gciwane, bangu-2 900 abangenwe yileli gciwane esikhathin­i esingangon­yaka. Kukholakal­a ukuthi bayisishiy­agalombili abangenwa yigciwane ngosuku.

“Kuyakhatha­za lokhu ngoba othisha bafundile uma beqhathani­swa namanye amalungu omphakathi. Akufanele engabe siba nesibalo esingaka sabangenwa yigciwane kubantu abanolwazi nokulindel­eke ukuthi basabalali­se ulwazi ezinganeni ngohlelo lweLife Orientatio­n,” kusho uZuma.

IKZN ne-Eastern Cape kutholakal­e ukuthi yizifundaz­we ezihamba phambili ngezibalo zothisha abasanda kungenwa yigciwane. Kothisha abangu-100 baseKZN, kuphela unyaka sekunababi­li asebengenw­e yigciwane lengculazi.

U-12% kuvela ukuthi bebeya ocansini nabantu abahlukene ngesikhath­i esisodwa ezinyangen­i ezingu-12 ezidlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa