Isolezwe

Intsha ifuna imisebenzi, hhayi ipolitiki

- PHILI MJOLI

INTSHA eningi ayiyingeni eyokuziban­dakanya nepolitiki kodwa iyafunda ngokwenzek­ayo ukuze ibe nolwazi.

Njengoba kusasa kuzobe kuwusuku lokukhumbu­la iqhaza elabanjwa yintsha ka-1976, intsha ekhulume naleli phephandab­a ithe izobe izihlalele emakhaya ingayile emigubheni yalolu suku.

UMlungisi Nyathi (25) wasePineto­wn uthe: “Thina sibhekene nenkinga yokushoda kwamathuba omsebenzi. Bengiseben­za nyakenye kodwa inkampani yasitshela ukuthi isimo somnotho sibi kungenzeka ivalwe. Ngakhetha ukusula, ngiyofunda. Umkhakha engiwukhet­hile we-Architect nawo uncike ekutheni umnotho umi kanjani. Ngiyazihlu­pha ngokufunda ukuthi kwenzekani kwezepolit­iki ukuze ngazi ukuthi kumele ngizihlele kanjani kodwa angilibamb­i iqhaza kuyo.”

UCawekazi Vellem (24) wase-Eastern Cape owenza iBTech kwiMarkert­ing eDUT uthe : “Anginayo ngisho ithelevish­ini ngoba ngifuna ukuzinikel­a ezifundwen­i ngingaphaz­anyiswa lutho. Anginandab­a nepolitiki nokuthi kuphethe bani uma nje sizothola imisebenzi kuphelile.”

USanele Mdlalose (25) waseGingin­dlovu uthe: “Uma ufuna ukuxhaswa ngemali yokufunda abakhipha uxhaso bafuna ukwazi ukuthi ukuyiphi inhlangano yezepoliti­ki. Noma uyofuna usizo emakhansel­eni akubuza ukuthi uyavota yini. Angiboni ukuthi kumele lokho kubuzwe. Kumele abakwipoli­tiki benze kahle nathi sibabone beyisibone­lo esihle bese siyangena.”

UMinenhle Ndwandwe (18) waKwaNongo­ma uthe: “Ngiyazi ukuthi kwenzekani kwezepolit­iki kodwa angifuni ukungena emaqenjini nasemibang­weni.”

UNhlonipho Shembe (21) waseNanda uthe: “Ngisewumfu­ndi angiboni ukuthi kumele ngizikhath­aze ngokuthi kwenzekani kwezepolit­itiki. Ngisanake izifundo zami. Mhlawumbe uma sengiqede izifundo zami ngizoshint­sha umqondo ngibe nothando lokwazi ukuthi kwenzekani.”

ULondeka Nhasengo (18) waseMpange­ni uthe: “Mina ngikholelw­a ekutheni imfundo kuqala ipolitiki ngemuva. Nomsebenzi engifuna ukuwenza awudingi ukuthi ngingene ngigxile kwipolitik­i, ngingasho nje ukuthi ngiyibukel­a ngikude.”

UThabo Ntshiliba (24) uthe uyavota uma kuwukhetho kodwa alikho elinye iqhaza alibambile kwezepolit­iki. “Uma sekudlule ukhetho angizikhat­hazi ngokuthi obani abangena ezikhundle­ni nokuthi kwenzekani kuhulumeni, ngibhekana nezincwadi zami. Isikhathi enginaso esokufunda kuphela hhayi esokucubun­gula okwenzekay­o ngasohlang­othini lwezepolit­iki.”

USifiso Majola (24) wasePort Shepstone uthe akanandaba nokuthi ipolitiki ilishintsh­a kanjani izwe. “Kimina kuyazifane­la nje abakwipoli­tiki bangenza noma yini abayithand­ayo akuthi diki kimina,” kusho uSifiso.

 ?? Izithombe: ZANELE ZULU ?? SANELE MDLALOSE
Izithombe: ZANELE ZULU SANELE MDLALOSE
 ??  ?? MLUNGISI NYATHI
MLUNGISI NYATHI
 ??  ?? LONDEKA NHASENGO
LONDEKA NHASENGO
 ??  ?? NHLONIPHO SHEMBE
NHLONIPHO SHEMBE
 ??  ?? CAWEKAZI VELLEM
CAWEKAZI VELLEM
 ??  ?? MINENHLE NDWANDWE
MINENHLE NDWANDWE
 ??  ?? SIFISO MAJOLA
SIFISO MAJOLA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa