Umyeni sengimbambe kaningi namashende axolise
EZOTHANDO
UMBUZO: Ngishade nowesifazane ongafuni kwenzalutho endlini. Uyakhononda ngokupheka, uyakhononda ngokuwasha. Kuyo yonke into ufuna ukuziqhathanisa nami. Angisazi ngenzenjani. Mina ngangithi ngishada unkosikazi ozokwakha ikhaya, aligcine lihlanzekile.
Mdu, eMadadeni Impendulo: Izikhathi esiphila kuzona zishintshile. Noma kunjalo kodwa indawo yowesilisa nowesifazane ekhaya isamile. Noma sekwabakhona ukubambisana kwabashadile kodwa owesifazane usaneqhaza elikhulu ekunakekeleni ikhaya. Ningazama nonganisiza ngomsebenzi wasendlini ngoba kungenzeka ukuthi inkinga akukona ukuthi umkakho uziqhathanisa nawe kodwa wukuthi naye ubuya emsebenzini ekhathele angakwazi ukwenza imisebenzi yasekhaya ngendlela. Umbuzo: Ngingowesilisa oshadile. Ngibona sengathi umkami uthanda izingane zethu kunami. Selokhu saba nabantwana, indawo yami ekhaya iya ngokuncipha. Uchitha sonke isikhathi nabantwana. Yibo abagijimelayo uma kuza ezidingweni zabo. Njengendoda kuleli khaya angiyiboni indawo yami ngaphandle kokuphuma ngiyosebenza ngilethe imali kuphela.
Sizwe, eGreytown Impendulo: Yinto ejwayelekile ukwenzeka le uma sekufika abantwana emshadweni. Futhi kuyinto ewubungozi obukhulu emshadweni. Khumbula, abantwana banani okwesikhashana, kanti nina nisazoba ndawonye isikhathi eside, ngakho akumele abantwana bangene phakathi kwenu. Hlala phansi nomkakho bengekho abantwana umazise ngokungathokozi kwakho ngesenzo sakhe. Sinethemba ukuthi umkakho uzoshintsha indlela yokwenza. Umbuzo: Umyeni wami ukhombisa ukungathembeki emshadweni wethu. Sengimbambe kaningi avume ukuthi wenze iphutha, axolise. Emasontweni adlule ngithole izithombe zowesifazane ongagqokile ocingweni lakhe. Wangitshela ukuthi akukho lutho phakathi kwabo. Ngikwenza konke ukuba wunkosikazi oqotho ngoba ngithi kuzokwenza umyeni wami athembeke kodwa alukho ushintsho.
Carol, eThekwini Impendulo: Akukho ongakwenza ukusiza umuntu ongakwazi ukuziphatha. Inkinga ayikho kuwena kodwa ikumyeni wakho. Akukho ongakwenza ukuze athembeke. Ukuthembeka kusuka kumuntu ngaphakathi. Wena nquma ukuthi uyathanda yini ukuphila impilo yakho yonke ulandelana nomuntu ongazimisele ukushintsha. Udinga ukunquma ukuthi ufunani ngempilo yakho. Umbuzo: Ngingowesifazane oshadile. Emasontweni adlule kufike owesilisa endlini umyeni wami esaphumile wangitshela ukuthi umyeni wami uthandana nonkosikazi wakhe. Ivele yangehla ngaphezulu le ndaba ngamshayela ucingo umyeni wami ngimtshela ukuthi kunowesilisa omlindile endlini. Ngamtshela nokuthi kumayelana nani. Kube wukufika endlini wangimemeza engena phambi komakhelwane ethi ngingenisa indoda yami endlini. Okungimangazayo wukuthi useshintsha yonke le nto useyibhekisa kumina. Ngangiqala nokumbona lo wesilisa owayefike endlini.
MaLindi, KwaMsane Impendulo: Kubukeka sengathi kukhulu akwaziyo umyeni wakho. Kujwayelekile ukuthi umuntu uma ebona ukuthi usenkingeni avele ashintshe inkulumo ayibhekise kulo omsolayo. Kubukeka sengathi umyeni wakho usebenzisa yona le ndlela yokuphuma enkingeni. Ayikho into ezokusiza kule nkinga ngaphandle kokuzama ukuthola lo wesilisa owayefike ekhaya lakho ukuze azikhulumele nomyeni wakho. Futhi kube khona omunye ozolalela nje kuphela ukuze angakushintsheli futhi. Umbuzo: Ngingowesilisa (33) othandana nowesifazane (30). Nginenkinga nalo engithandana naye. Unolaka ngendlela eyisimanga. Sekukaningi ezama ukungithela ngamanzi abilayo uma sixabana. Useke wacela ukuthi sihlukane kodwa akafuni ngihambe, ufuna ngiqhubeke ngihlale naye noma ethi asihlukane. Lapho mina inhliziyo yami ayisekho kulobu budlelwane. Ngikhathele wukuhlukunyezwa.
Sakhile, Amanzimtoti Impendulo: Kubukeka sengathi kukhulu lo wesifazane adlula kukhona okwenza aziphathe ngale ndlela. Khumbula ukuthi abanye abathandanayo baze babulalane kusuka ezintweni ezinjengalezi eziqala kancane. Thina sibona kungcono ulubike emaphoyiseni lolu daba lwenu ukuze abomthetho bazi ngesimo sakho ngoba akukuhle ukuhlala nento enjengale ingaziwa muntu. Ukuhlala phansi nemindeni kuzokusiza ukuveza izinto eziningi ezihlupha lo wesifazane ezimenza enze kanje. Mzamele usizo, kungenzeka kunokuthikamezeka engqondweni.