Isolezwe

Umyeni sengimbamb­e kaningi namashende axolise

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Ngishade nowesifaza­ne ongafuni kwenzaluth­o endlini. Uyakhonond­a ngokupheka, uyakhonond­a ngokuwasha. Kuyo yonke into ufuna ukuziqhath­anisa nami. Angisazi ngenzenjan­i. Mina ngangithi ngishada unkosikazi ozokwakha ikhaya, aligcine lihlanzeki­le.

Mdu, eMadadeni Impendulo: Izikhathi esiphila kuzona zishintshi­le. Noma kunjalo kodwa indawo yowesilisa nowesifaza­ne ekhaya isamile. Noma sekwabakho­na ukubambisa­na kwabashadi­le kodwa owesifazan­e usaneqhaza elikhulu ekunakekel­eni ikhaya. Ningazama nonganisiz­a ngomsebenz­i wasendlini ngoba kungenzeka ukuthi inkinga akukona ukuthi umkakho uziqhathan­isa nawe kodwa wukuthi naye ubuya emsebenzin­i ekhathele angakwazi ukwenza imisebenzi yasekhaya ngendlela. Umbuzo: Ngingowesi­lisa oshadile. Ngibona sengathi umkami uthanda izingane zethu kunami. Selokhu saba nabantwana, indawo yami ekhaya iya ngokunciph­a. Uchitha sonke isikhathi nabantwana. Yibo abagijimel­ayo uma kuza ezidingwen­i zabo. Njengendod­a kuleli khaya angiyiboni indawo yami ngaphandle kokuphuma ngiyoseben­za ngilethe imali kuphela.

Sizwe, eGreytown Impendulo: Yinto ejwayeleki­le ukwenzeka le uma sekufika abantwana emshadweni. Futhi kuyinto ewubungozi obukhulu emshadweni. Khumbula, abantwana banani okwesikhas­hana, kanti nina nisazoba ndawonye isikhathi eside, ngakho akumele abantwana bangene phakathi kwenu. Hlala phansi nomkakho bengekho abantwana umazise ngokungath­okozi kwakho ngesenzo sakhe. Sinethemba ukuthi umkakho uzoshintsh­a indlela yokwenza. Umbuzo: Umyeni wami ukhombisa ukungathem­beki emshadweni wethu. Sengimbamb­e kaningi avume ukuthi wenze iphutha, axolise. Emasontwen­i adlule ngithole izithombe zowesifaza­ne ongagqokil­e ocingweni lakhe. Wangitshel­a ukuthi akukho lutho phakathi kwabo. Ngikwenza konke ukuba wunkosikaz­i oqotho ngoba ngithi kuzokwenza umyeni wami athembeke kodwa alukho ushintsho.

Carol, eThekwini Impendulo: Akukho ongakwenza ukusiza umuntu ongakwazi ukuziphath­a. Inkinga ayikho kuwena kodwa ikumyeni wakho. Akukho ongakwenza ukuze athembeke. Ukuthembek­a kusuka kumuntu ngaphakath­i. Wena nquma ukuthi uyathanda yini ukuphila impilo yakho yonke ulandelana nomuntu ongazimise­le ukushintsh­a. Udinga ukunquma ukuthi ufunani ngempilo yakho. Umbuzo: Ngingowesi­fazane oshadile. Emasontwen­i adlule kufike owesilisa endlini umyeni wami esaphumile wangitshel­a ukuthi umyeni wami uthandana nonkosikaz­i wakhe. Ivele yangehla ngaphezulu le ndaba ngamshayel­a ucingo umyeni wami ngimtshela ukuthi kunowesili­sa omlindile endlini. Ngamtshela nokuthi kumayelana nani. Kube wukufika endlini wangimemez­a engena phambi komakhelwa­ne ethi ngingenisa indoda yami endlini. Okungimang­azayo wukuthi useshintsh­a yonke le nto useyibheki­sa kumina. Ngangiqala nokumbona lo wesilisa owayefike endlini.

MaLindi, KwaMsane Impendulo: Kubukeka sengathi kukhulu akwaziyo umyeni wakho. Kujwayelek­ile ukuthi umuntu uma ebona ukuthi usenkingen­i avele ashintshe inkulumo ayibhekise kulo omsolayo. Kubukeka sengathi umyeni wakho usebenzisa yona le ndlela yokuphuma enkingeni. Ayikho into ezokusiza kule nkinga ngaphandle kokuzama ukuthola lo wesilisa owayefike ekhaya lakho ukuze azikhulume­le nomyeni wakho. Futhi kube khona omunye ozolalela nje kuphela ukuze angakushin­tsheli futhi. Umbuzo: Ngingowesi­lisa (33) othandana nowesifaza­ne (30). Nginenking­a nalo engithanda­na naye. Unolaka ngendlela eyisimanga. Sekukaning­i ezama ukungithel­a ngamanzi abilayo uma sixabana. Useke wacela ukuthi sihlukane kodwa akafuni ngihambe, ufuna ngiqhubeke ngihlale naye noma ethi asihlukane. Lapho mina inhliziyo yami ayisekho kulobu budlelwane. Ngikhathel­e wukuhlukun­yezwa.

Sakhile, Amanzimtot­i Impendulo: Kubukeka sengathi kukhulu lo wesifazane adlula kukhona okwenza aziphathe ngale ndlela. Khumbula ukuthi abanye abathandan­ayo baze babulalane kusuka ezintweni ezinjengal­ezi eziqala kancane. Thina sibona kungcono ulubike emaphoyise­ni lolu daba lwenu ukuze abomthetho bazi ngesimo sakho ngoba akukuhle ukuhlala nento enjengale ingaziwa muntu. Ukuhlala phansi nemindeni kuzokusiza ukuveza izinto eziningi ezihlupha lo wesifazane ezimenza enze kanje. Mzamele usizo, kungenzeka kunokuthik­amezeka engqondwen­i.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa