Intsha isabhekene nezinselelo ezenza lingabazeke ikusasa
KUSASA kuzogujwa uSuku lweNtsha eNingizimu Afrika kukhunjulwa intsha eyazidela ngoJuni 16, 1976 ibhikisha iphikisa umthetho wokuthi zonke izifundo zifundwe ngesiBhunu.
Sekuphele iminyaka engu-41 kwenzeka le mibhikisho eyayiseSoweto. Le mibhikisho yaba nesandla esikhulu ekutheni ubandlululo lugcine lunqotshiwe.
Ukuphela kobandlululo kusho ukuthi intsha yanamhlanje ithola amathuba angcono kunalawo ayetholwa yilena eyayibhikisha ngo-1976.
Iningi-ke intsha eyenza izinto ezinhlobonhlobo ezifanele ukunconywa emikhakheni ehlukene futhi neyenza siziqhenye ngokuba ngabaseNingizimu Afrika. Kukhona labo imisebenzi yabo edumile kanti futhi kukhona abenza okuhle kodwa okungabonakali ngoba ayilona uhlobo lwemisebenzi egqamayo emiphakathini.
Kodwa-ke nakuba kunjalo, yiningi intsha edukuza ebumnyameni futhi okubonakalayo ukuthi ikusasa layo alicacile, kokunye ngenxa yezinqumo zayo kodwa kokunye ngenxa yezimo ezikhona ezweni.
Kuyadabukisa ukwazi ukuthi esibalweni sabantu abangasebenzi, abaningi kubo yintsha. Abantu abatheleleka ngegciwane lengculazi kakhulu yintsha. Isibalo sezingane ezikhulelwayo zisafunda asehli kanti nasebugebengwini sekuvamile ukuthi kube yintsha ezinikele kukho.
Izigameko nje ezihlasele kulezi zinsuku zokubulawa kwabesifazane nezingane, abasolwa abaningi ababanjwayo yintsha. Akusiyo nje intsha engasebenzi eyinkinga kodwa ngisho naleyo egcina ingasiqedanga isikole yiningi.
Intsha yaseNingizimu Afrika inezinselelo eziningi futhi mukhulu umsebenzi odinga ukwenziwa ukuze kunqotshwe izimpi ebhekene nazo manje ngoba ngale kwalokho kusho ukuthi abekho abaholi bakusasa.
Uma kungaqhanyukwa nezisombululo zazo zonke lezi zinselelo, kusho ukuthi elakuleli lizoqhubeka nokuba nesibalo esiphezulu sabantu abangasebenzi futhi nemindeni izoqhubeka nokuba nhlakanhlaka uma izingane ziqhubeka nokuzala kwazona zisencane.
Engathi uma sikhumbula intsha yangoJuni 16, singazibhekisisa lezi zinto ngoba ngale kwalokho lukhulu luyeza ezweni lethu, ukuxokozela okukhona njengamanje kuzolokhu kuqhubekile.