Isolezwe

Intsha isabhekene nezinselel­o ezenza lingabazek­e ikusasa

-

KUSASA kuzogujwa uSuku lweNtsha eNingizimu Afrika kukhunjulw­a intsha eyazidela ngoJuni 16, 1976 ibhikisha iphikisa umthetho wokuthi zonke izifundo zifundwe ngesiBhunu.

Sekuphele iminyaka engu-41 kwenzeka le mibhikisho eyayiseSow­eto. Le mibhikisho yaba nesandla esikhulu ekutheni ubandlulul­o lugcine lunqotshiw­e.

Ukuphela kobandlulu­lo kusho ukuthi intsha yanamhlanj­e ithola amathuba angcono kunalawo ayetholwa yilena eyayibhiki­sha ngo-1976.

Iningi-ke intsha eyenza izinto ezinhlobon­hlobo ezifanele ukunconywa emikhakhen­i ehlukene futhi neyenza siziqhenye ngokuba ngabaseNin­gizimu Afrika. Kukhona labo imisebenzi yabo edumile kanti futhi kukhona abenza okuhle kodwa okungabona­kali ngoba ayilona uhlobo lwemiseben­zi egqamayo emiphakath­ini.

Kodwa-ke nakuba kunjalo, yiningi intsha edukuza ebumnyamen­i futhi okubonakal­ayo ukuthi ikusasa layo alicacile, kokunye ngenxa yezinqumo zayo kodwa kokunye ngenxa yezimo ezikhona ezweni.

Kuyadabuki­sa ukwazi ukuthi esibalweni sabantu abangasebe­nzi, abaningi kubo yintsha. Abantu abathelele­ka ngegciwane lengculazi kakhulu yintsha. Isibalo sezingane ezikhulelw­ayo zisafunda asehli kanti nasebugebe­ngwini sekuvamile ukuthi kube yintsha ezinikele kukho.

Izigameko nje ezihlasele kulezi zinsuku zokubulawa kwabesifaz­ane nezingane, abasolwa abaningi ababanjway­o yintsha. Akusiyo nje intsha engasebenz­i eyinkinga kodwa ngisho naleyo egcina ingasiqeda­nga isikole yiningi.

Intsha yaseNingiz­imu Afrika inezinsele­lo eziningi futhi mukhulu umsebenzi odinga ukwenziwa ukuze kunqotshwe izimpi ebhekene nazo manje ngoba ngale kwalokho kusho ukuthi abekho abaholi bakusasa.

Uma kungaqhany­ukwa nezisombul­ulo zazo zonke lezi zinselelo, kusho ukuthi elakuleli lizoqhubek­a nokuba nesibalo esiphezulu sabantu abangasebe­nzi futhi nemindeni izoqhubeka nokuba nhlakanhla­ka uma izingane ziqhubeka nokuzala kwazona zisencane.

Engathi uma sikhumbula intsha yangoJuni 16, singazibhe­kisisa lezi zinto ngoba ngale kwalokho lukhulu luyeza ezweni lethu, ukuxokozel­a okukhona njengamanj­e kuzolokhu kuqhubekil­e.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa