Isolezwe

Ngizwelana nemindeni yabamukile

-

MHLELI: Ngibhala nje inhliziyo yami inokukhulu ukukhathaz­eka nokuzwa ubuhlungu obuhambela­na nokuzwelan­a nemindeni eshiywa yizihlobo zayo ngokumuka nemifula. Kubuhlungu kabi ukuthi umuntu ahambe ngalesi simo ngoba kushiya umndeni uhlukumeze­kile.

Akusizi-ke ukwanda ngemilomo njengeziqa­betho ezikhulwin­i zikahulume­ni kuwona wonke amazinga kepha zihudule izinyawo uma sekumele kwenziwe okuthile ukugwema ukufa kwabantu ngokuminza. Indaba yamabhuloh­o emifuleni yasemakhay­a kumele ithathwe njengento ephuthumay­o. Abantu baze banqume ukungena emfuleni nje yingoba isuke ingekho enye indlela. Lapha ngakithi nje ku-ward 23 eMlalazi sisenkinge­ni enkulu ikakhulu oHhahheni ngaseNdune­ni uNene.

Kule ndawo izikole nezitolo nemitholam­pilo kungaphesh­eya komfula uMhlathuza­na. Lo mfula uma usugcwele izingane aziyi esikoleni, abasebenzi abayi emsebenzin­i angisayiph­athi-ke uma kunesimo esiphuthum­ayo kumele umuntu aphuthunyi­swe emtholampi­lo angafela endlini.

Yikho-ke ngithi ezinhlelwe­ni zikahulume­ni kumele ibekwe eqhulwini indaba yamabhuloh­o. Ngeke sikubekeze­le ukuhlala engcupheni enje. Awucabange nje ingane uma ingadla into ebulalayo ngephutha sekumele iye emtholampi­lo uthole ukuthi umfula ugcwele, uyoyibuka ifele endlini ngoba ayikho indlela yokuwela.

Siyocela uma amakhansel­a ebika ngalezi zindawo angazitshw­a ngoba basazoqhub­eka nokufa abantu uma kungasukun­ywa ngokushesh­a. Ngiyothoko­za uma lo mbono uyobhekwa ngeso elibanzi. Abantu abangakhun­julwa ngoba sekumele beyovota kepha azibhekisi­swe ngokushesh­a izidingong­qangi zabo. Skhumbuzo Mnelisi Hlongwane OHHAHHENI omusha.

Sekuwuye kuphela la eNingizimu Afrika ongaqeqesh­a leli qembu laseNature­na. Njengephep­handaba ngiyanicel­a ningicelel­e yena uMngqithi ayofaka iCV ePhefeni.

Ngicela lokhu nje ngoba leli qembu kuyabonaka­la ukuthi seliphelel­we wushatini. Ngeke ngisachaza okuningi ngeqembu lami, wonke umuntu uyazi ubunzima elibhekene nabo. Qaphelani, wumbono wami lo, angibatshe­li. Siyatemba Tyatha EST GEORGES, ETHEKWINI

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa