U-DJ Mdix uzonandisa kuGu Jazz
UKUBONA kuyithuba lokukhombisa ukuthi ithalente likhona ePort Shepstone uDJ Mdix ongomunye wabaculi bendawo abazonandisa kuGu Jazz Festival ngoJuni 24.
ULungisani “DJ Mdix” Khuzwayo (29) waseGamalakhe, ePort Shepstone, uzonandisa esigabeni esibizwa ngeLocal Artist Hour. Kuzobe kunguye, Ndumiso Phungula, KG Miya, Prince Mlu, Mlungisi Ncane, Bongi Nzimakwe, Sbudarico, T-Hembi noSifundo Nomfundo.
Kwenziwa inhlolokhono komasipala abangaphansi koGu ukuze kutholwe laba baculi.
“Lokhu kuzokhombisa ukuthi ogwini oluseningizimu ithalente likhona futhi liyaqhamuka asimile. Sebekhona oNaima Kay noProfessor abadabuka khona.”
Lo DJ usezakhele udumo ngengoma ethi Umvulo okucula kuyo uZanda Zakuza. Le ngoma ibikwi-albhamu yeDurban’s Finest ethi Reloaded.
Uthe umculo uwuqale ngo2000 kodwa ubengagxilile kuwo. Bekuyinto abeyenza engayinaki. Eseqala ukugxila kuwo ingoma yakhe ethi Umvulo ivele yaduma.
“Njengamanje ngihlanganisa i-albhamu engicabanga ukuthi izophuma ngoJulayi uma kungeke kube yisekupheleni kukaJuni. Kuyo ngisebenze noKing Monada, Professor, Naima Kay, Scelo Gowane noSisanda Nilson,” kusho lo DJ we-house.
Uthe usezinze eGoli kwazise uqopha nenkampani i-Open Mic.
Ugu Jazz Festival, Isolezwe elingabaxhasi bayo, izoba soGu Sports & Leisure Centre. Kuzobe kushiyelana inkundla uRingo, Sjava, Jimmy Dludlu, Amandla Black, Zakes Bantwini, Mbuso Khoza, Sands nabanye.
Amathikithi atholakala eComputicket ngemali eqala ku-R280.