Isolezwe

Imbokodo ingase ikuphinde lokho kuma-Idols

- NOKUBONGWA PHENYANE

UBABAZA ithalente nokuzimise­la kwabesifaz­ane abazobonak­ala kulo nyaka kuma-Idols SA, uphrojusa nomqondisi walolu hlelo, uGavin Wratten oselokhu alubamba zisuka ngesizini yokuqala. NgoJulayi 9, ngo-5.30, kuMzansi Magic (channel 161), kuzoqala isizini ka-13 yohlelo ama-Idols Ngonyaka odlule intokazi yaseMgungu­ndlovu, uNoma Khumalo yakhala yemuka nesicoco. UGavin enkulumeni abe nayo neSolezwe, uthe kuzoba kancane nakulo nyaka isicoco singahambi nomuntu wesifazane. “Konke sekumi ngomumo njengoba sesiqedile ngomsebenz­i wokuqopha iziqephu zokuqala. Sekusele singene ezinhlelwe­ni ezikhonjis­wa bukhoma. Kodwa ngingasho nginganana­zi ukuthi nakanjani ithalente liyamangal­isa SA. kakhulu kuzona zonke izifundazw­e esizihambe­le,” kusho uGavin. Uthe kulo nyaka kukhona okuningi okushintsh­ile obekungabo­nakali kumasizini adlule. “Kulo nyaka sinamajaji amathathu kuphela kodwa ngesikhath­i sisahambel­a amadolobha ahlukene sicele osaziwayo ukuthi basisize ekuthungat­heni ithalente,” kuchaza uGavin. Uthe uma sekuqala uhlelo bazosebenz­isa amajaji amathathu kuphela okunguSomi­zi Mhlongo, Unathi Msengana noRandall Abrahams. “Sizoba nomeluleki ozosiza abangenele uhlelo ngokubachu­shisa ngezinto ezahlukene emculweni. Ngesikhath­i senhlolokh­ono kuzophinde kubonakale amajaji esebenzisa elinye ithikithi elitholwa ijaji ngalinye ukunika lowo okubonakal­a ekulungele ukuba kulolu hlelo,” kuchaza uGavin. Uthe nabazobona­kala esigabeni seWooden Mic kulo nyaka bazoshiya ababukeli bama-Idols, befa insini. “Uyazi abantu abasuke bevela esigabeni seWooden Mic, ngeke ukholwe ukuthi basuke bezitshela ukuthi bayakwazi ukucula kodwa nathi singabapho­xi sibanike ithuba bese siyabona ukuthi akukho esingamsiz­a ngakho kodwa ukumfaka kwiWooden Mic,” kusho uGavin. Uthe nakulo nyaka sebebakhet­hile abantu abangu-40, abazobonak­ala kulesi sigaba.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USOMIZI Mhlongo, Randall Abrahams, Unathi Msengana noProverb ibona abazobe bephethe izintambo ohlelweni amaIdols azoqala ngenyanga ezayo aze aphele ngoNovemba
Isithombe: SITHUNYELW­E USOMIZI Mhlongo, Randall Abrahams, Unathi Msengana noProverb ibona abazobe bephethe izintambo ohlelweni amaIdols azoqala ngenyanga ezayo aze aphele ngoNovemba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa