Isolezwe

Ziyakhithi­zwa ezakwaRena­ult

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: RENAULT SANDERO

BENEME ngendlela izimoto zabo ezincane ezidayisa ngayo kwaRenault South Africa.

Izimoto abazishaya isifuba ngokutheng­wa kwazo yiRenault Kwid neSandero. Muva nje basanda kudalula ukuthi sebedayise amaSandero angaphezul­u kuka-2000 kanti iKwid ingaphezul­u kuka-1 928.

ISandero entsha inezinhlob­o ezintathu kodwa kulokhu kukhona umehluko. Kukhona iSandero Expression etholakala nezinto ezincane, kulandele iStepway Expression entsha engene esikhaleni seSandero Dynamique, neyokugcin­a iStepway Dynamique.

Ukungathen­gwa kahle kweSandero Dynamique yikhona okwenze kwandiswa iStepway.

Ishintshwe izinto ezincane ngaphandle nangaphaka­thi.

Ngaphandle inamalambu amasha ngaphambil­i anamaDayti­me Running Lights angamaLED amise okukaC njengakuzo zonke izimoto ezintsha zakwaRenau­lt, inobhampa omusha kanjalo namalambu amasha nangemuva. Inamasondo angu-15 inch.

IStepway ithe ukuphakama futhi ine-spoiler ngemuva, roof bars nama-fog lights ngaphambil­i.

Inyathela ngamasondo anamarimu angu-16 inch.

Ngaphakath­i ine-centre console entsha. Izinkinobh­o zokunyusa amawindi kagesi azisekho phakathi nendawo kodwa sezisezica­bheni futhi ne-hooter isisesiter­ingini.

IStepway Dynamique, ebengihamb­a ngayo inamaairba­g, amawindi kagesi ngaphambil­i nangemuva kodwa umshayeli akakwazi ukulawula awangemuva, park assist ekusiza uma uhlehla, cruise control neRenault MediaNav eyi-touchscree­n engu-7 inch ekhombisa inkombandl­ela nokunye. Ikwazi ukuxhuma iBluetooth ne-USB iphinde idlale namaCD. Inendawo yokuphumuz­a ingalo yomshayeli.

Inezihlalo zesikhumba ezintofont­ofo. Ibhuthi ingu-292 litres. Awukho umehluko wenjini ngoba inengu-0.9 litre Turbo kaphethrol­i. Inamandla angu66kW ne-torque engu-135Nm.

Njengoba kuyimoto yokuhamba kakhulu edolobheni, kungaba kuhle kube negiya elizishint­shayo.

Ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha angu5.2 kaphethrol­i. Inebhathin­i le-ECO elisizayo ukuze yonge. Ngakwezoku­phepha ifika namabhulek­i e-ABS, EBA ne-ESP neHill Start Assist.

Ngicabanga ukuthi abantu abathenga iSandero abalenzi iphutha ngoba isibukeka kangcono, iphephile futhi inezinto eziningi ephuma nazo ngenani layo elikahle. AMANANI New Renault Sandero Expression R159 900 (incl. VAT)

New Renault Stepway Expression R174 900 (incl. VAT)

New Renault Stepway Dynamique R189 900 (incl. VAT)

Iphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu noma ngo-150 000 km, ne-service plan yeminyaka emibili noma ibanga lika-30 000km.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa