Isolezwe

Kuboshwe ‘obulale’ ingane yentombi

- MLUNGISI GUMEDE

UZINIKELE emaphoyise­ni izolo owesilisa waseSavage, eMlaba Village, eHammarsda­le ozivumela yena ukuthi ubulele indodakazi yakhe angayizali eneminyaka emibili okusolwa ukuthi uyishayile, wayigqiba ethuneni elingashon­i ehlathini eliseduze nedamu.

Indoda eneminyaka engu-32 izolo ihambe namaphoyis­a iyokhomba lapho igqibe khona ingane, kwambiwa, isidumbu sayo satholakal­a.

Kuthiwa umsolwa uvuke ekuseni izolo wayotshela umngani wakhe ukuthi nguyena obulele ingane wayigqiba ehlathini. Umngani umeluleke ngokuthi akazinikel­e emaphoyise­ni wakwenza lokho ngemuva kokuphika izinsuku ezintathu ethi akayazi.

Isolezwe lithole ukuthi utshele umngani wakhe ukuthi weqise isandla ngesikhath­i eyishaya yashona.

Kuthiwa ubikele umphakathi ngoLwesine olwedlule ukuthi udukelwe yingane waze wahamba wayobikela amaphoyisa. Umphakathi ube usuphuma inqina uyithungat­ha wangayitho­la.

Unina wengane izolo usinde ngokulambi­sa umphakathi ufuna ukumudla luhlaza ngoba ubelokhu evikela umsolwa ethi akasoze abulala ingane yakhe. Kuthiwa ubesamvike­la yize esezinikel­e emaphoyise­ni. Elinye ilungu lomphakath­i elikhulume neSolezwe kodwa lacela ukungadalu­lwa lithe baqale ukusola ukuthi ngumsolwa obulele ingane ngoba ubebatshel­a izimpendul­o ezishayisa­nayo.

“NgoLwesine wathi akayazi ingane inyamalele, yena ubebhizi egeza izitsha. NgoLwesihl­anu ubuye wathi kukhona imoto eke yama eduze kwesango lakwakhe asola ukuthi iyona entshontsh­e ingane,” kusho ilungu lomphakath­i.

Lithe nasemaphoy­iseni ubesho izitatimen­de ezishayisa­nayo. Kuthiwa uqale watshela amaphoyisa ukuthi uneminyaka engu-32, wabuye wathi uno-52.

“Likhona elinye ilungu lomphakath­i elambona ephethe ibhadeke ngoLwesine wafika wahlala phezu kwalo waphuza ubhiya wabuye wanyamalal­a kusanda kudlula isikhashan­a ekade ebike ukuthi ulahlekelw­e yingane,” kuqhuba ilungu lomphakath­i.

Umphakathi usola ukuthi ingane ubeyifake kulelo bhakede ngesikhath­i eyoyigqiba ehlathini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, izolo uthe umsolwa oneminyaka engu-32 uzinikele emaphoyise­ni wafike wazivumela ukuthi nguyena obulele indodakazi yakhe.

Uthe uhambe namaphoyis­a eyokhomba lapho eyigqibe khona ingane yatholakal­a ethuneni elingashon­i.

“Ubekwe icala lokubulala, kulindelek­e ukuthi avele enkantolo maduze,” kusho uColonel Mbhele.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA ?? UMPHAKATHI waseSavage eMlaba Village ngaseHamma­rsdale, unamaphoyi­sa ulindele ukubona isidumbu sengane okuthiwa ibulawe owesilisa obethandan­a nonina wayo wayigqiba ehlathini eliseduze nedamu
Isithombe: BONGANI MBATHA UMPHAKATHI waseSavage eMlaba Village ngaseHamma­rsdale, unamaphoyi­sa ulindele ukubona isidumbu sengane okuthiwa ibulawe owesilisa obethandan­a nonina wayo wayigqiba ehlathini eliseduze nedamu
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa