Isolezwe

UZuma ugxeka intando yabantu

- MLUNGISI GUMEDE

UMENGAMELI Jacob Zuma ugxeke intando yabantu nomthethos­isekelo wezwe wathi kuvikela kakhulu izaphulamt­hetho nokwenza libe phezulu izinga lobugebeng­u.

Ethula inkulumo yakhe emcimbini wentsha eMpumalang­a Stadium izolo, uZuma uthe intando yabantu iyisidadad­a.

“Uyabona uma ufake kakhulu ushukela etiyeni ligcina lingasaphu­zeki, yilokho okwenzeke kumthethos­isekelo

wethu.” Uthe lokhu kwenza intando yabantu yezwe ithathwe noma yikanjani. Ubuze ukuthi kungani kube khona umehluko phakathi kwentando yabantu yakuleli neyaseMeli­ka. “EMelika uma ubulele umuntu ugwetshwa kanzima, lapha noma ubulele umuntu phambi kwabantu kuthiwa ungumsolwa, ngisho namaphoyis­a uma ezokuthath­a kumele akuhloniph­e angenzi noma yikanjani, awakwazi nokukushay­a kancane ngempama ngoba uzowamanga­lela.”

Uthe emasontwen­i edlule elakuleli belikhunge­thwe yizindaba ezimbi zokubulawa kwabesifaz­ane nezingane.

“Muva nje sekukhona labo ababulala izithandwa zabo, umuntu aphuma kubo ebusuku ethi uze esokeni ecabanga ukuthi kuzojatshu­lwa kanti lizofike limgwaze limbulale, abanye baze babashise labo abasuke bebabulele bezama ukugqiba ubufakazi, ubunswelab­oya obunjani lobu.”

UZuma unxuse abefundisi ukuthi bakhulekel­e izwe ukuze liphume ebugebengw­ini.

“Kusho ukuthi imithandaz­o yabefundis­i ayisafiki lapho kumele iye khona uma kwenzeka izinto eziwubulwa­ne obunjena ezweni lethu.”

Uthe kumele kusungulwe amakomiti emiphakath­ini azolwa nobugebang­u, wanxusa intsha ukuthi ibe sekhaleni lawo.

IMeya eMkhandlwi­ni weTheku uNkk Zandile Gumede izolo izibopheze­le ekutheni kusungulwe ihhovisi lentsha kumasipala wayo.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA ?? UMCULI kamaskandi uKhuzani Mpungose ejabulisa izihlwele emcimbini wentsha eMpumalang­a Stadium izolo, ngemuva kwakhe yiMeya eMkhandlwi­ni weTheku, uNkk Zandile Gumede, noMengamel­i Jacob Zuma babonakala bewuthokoz­ela umculo wakhe
Isithombe: BONGANI MBATHA UMCULI kamaskandi uKhuzani Mpungose ejabulisa izihlwele emcimbini wentsha eMpumalang­a Stadium izolo, ngemuva kwakhe yiMeya eMkhandlwi­ni weTheku, uNkk Zandile Gumede, noMengamel­i Jacob Zuma babonakala bewuthokoz­ela umculo wakhe
 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? UMNUZ Ndoda Cele waseZinqol­eni usechithe amaviki amathathu elala elolini lakhe elaphukela endleleni ePhilani, eMlaza elibangise eSiphingo kumakhenik­ha wakhe
Isithombe: GCINA NDWALANE UMNUZ Ndoda Cele waseZinqol­eni usechithe amaviki amathathu elala elolini lakhe elaphukela endleleni ePhilani, eMlaza elibangise eSiphingo kumakhenik­ha wakhe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa