UZuma ugxeka intando yabantu
UMENGAMELI Jacob Zuma ugxeke intando yabantu nomthethosisekelo wezwe wathi kuvikela kakhulu izaphulamthetho nokwenza libe phezulu izinga lobugebengu.
Ethula inkulumo yakhe emcimbini wentsha eMpumalanga Stadium izolo, uZuma uthe intando yabantu iyisidadada.
“Uyabona uma ufake kakhulu ushukela etiyeni ligcina lingasaphuzeki, yilokho okwenzeke kumthethosisekelo
wethu.” Uthe lokhu kwenza intando yabantu yezwe ithathwe noma yikanjani. Ubuze ukuthi kungani kube khona umehluko phakathi kwentando yabantu yakuleli neyaseMelika. “EMelika uma ubulele umuntu ugwetshwa kanzima, lapha noma ubulele umuntu phambi kwabantu kuthiwa ungumsolwa, ngisho namaphoyisa uma ezokuthatha kumele akuhloniphe angenzi noma yikanjani, awakwazi nokukushaya kancane ngempama ngoba uzowamangalela.”
Uthe emasontweni edlule elakuleli belikhungethwe yizindaba ezimbi zokubulawa kwabesifazane nezingane.
“Muva nje sekukhona labo ababulala izithandwa zabo, umuntu aphuma kubo ebusuku ethi uze esokeni ecabanga ukuthi kuzojatshulwa kanti lizofike limgwaze limbulale, abanye baze babashise labo abasuke bebabulele bezama ukugqiba ubufakazi, ubunswelaboya obunjani lobu.”
UZuma unxuse abefundisi ukuthi bakhulekele izwe ukuze liphume ebugebengwini.
“Kusho ukuthi imithandazo yabefundisi ayisafiki lapho kumele iye khona uma kwenzeka izinto eziwubulwane obunjena ezweni lethu.”
Uthe kumele kusungulwe amakomiti emiphakathini azolwa nobugebangu, wanxusa intsha ukuthi ibe sekhaleni lawo.
IMeya eMkhandlwini weTheku uNkk Zandile Gumede izolo izibophezele ekutheni kusungulwe ihhovisi lentsha kumasipala wayo.