Isolezwe

Usehlale amasonto amathathu elolini lakhe elifele emgwaqweni

- NONTUTHUKO NGUBANE

UKHALA ngosizi umkhulu oneminyaka engu80 osehlale amasonto amathathu elolini lakhe elifile engaluthol­i usizo ngasenxanx­atheleni yezitolo iPhilani, eMlaza.

UMnuz Ndoda Cele waseZinqol­eni uthi ufelwe yiloli lakhe emgwaqweni uSbu Magwanyane ngesikhath­i eya eSiphingo eyolikhand­a.

Iloli lilimale injini ngesikhath­i likhuphuka emgwaqweni lagcina lizimele.

Ngokusho kukaCele akekho omsizayo njengoba esenamason­to amathathu ehlala kulona enzela ukuthi lingantsho­ntshwa.

“Angikwazi ukuhamba ngishiye iloli lami lapha, ngicele amaphoyisa ukuba angisize ngilidonse kodwa akekho ongisizayo. Sengikheth­e ukuhlala kulona ngize ngithole usizo,” kusho uCele.

Ngobusuku bokuqala kufe iloli lakhe uthe kufike amaphoyisa athembisa ukumfunela imoto edonsa izimoto ezifile.

“Amaphoyisa ayefake imifaniswa­no angibuza ukuthi nginamalin­i ngawatshel­a ukuthi ngino-R8000 engangiwub­ekele ukuthi ngizokhand­a ngawo iloli. Afuna ukuyibona imali ngawakhomb­isa. Ahamba athi ayabuya nosizo. Ebusuku sengilele kwafika abafana ababili bafuna u-R8000 ngathi anginawo bathi bayazi ukuthi ukhona bawuthatha,” kusho uCele.

Uthe akasenayo imali yokukhokhe­la imoto edonsa ezifile ngoba ubesalinde ukuba iloli lakhe lithole umsebenzi bese eba nemali.

Uthe iloli lakhe walithenga ngo-2014 ngemali elinganise­lwa ku-R200 000.

UCele uyaziseben­za njengoba ethe unamanye amaloli amathathu kodwa asahambe nabashayel­i futhi nemali yawo uzoyithola uma eseqede imisebenzi ayenzayo.

“Ekhaya nginamadod­akazi amahlanu angakwazi ukungisiza, unkosikazi wami washona kanti ngiwumuntu othanda ukuziphile­la ngayedwana,” kusho uCele.

Ngesikhath­i ekhuluma neSolezwe bekubonaka­la izitsha zokudla nezinye izimpahla elolini athe zilethwa abaseduze nomgwaqo zinokudla.

NgeSonto ekuseni kuneveni elishayise iloli lakhe ngemuva athe abantu abebehamba ngalo bebephethe amabhodlel­a bonke kukhona abakuphuza­yo.

“Oyedwa kwabebeham­ba ngaleyo moto uphume wangikhiph­a elolini lami wangishaya engibuza ukuthi ngimeleni emgwaqweni. Ngizikhale­le sengilele phansi waze wangiyeka. Ngilimele esiphongwe­ni,” kusho uCele.

Uthe ngeke abavulele icala abamphuce imali nabamshayi­le ngoba usabela ukuphepha kwakhe elolini.

UCele uthe akanazo izinombolo zamalungu omndeni wakhe ngoba unefoni entsha.

Isolezwe lifike kune-sticker esifakwe kuleli loli esibhalwe ukuthi: Police Aware (amaphoyisa ayazi)

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele uthe bayalwazi udaba lukaCele kodwa bamxhumani­sa namaphoyis­a akwaMetro ngoba ibimi emgwaqweni.

Uthe abasazi i-sticker esifakwe elolini.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa