Isolezwe

Izolimala iVuma FM ngokuhamba kwabanohlo­nze

-

MHLELI: Kwesinye isikhathi singabalal­eli siyaye sicabange ukuthi ukufika komunye umsakazo kuzofaka umsakazo thizeni ingcindezi. Yebo kusuke kunjalo kodwa ngenxa yokungabi nalwazi kwabaphath­i kuyaye kungabi njalo. Bona bacabanga ukuthi abasakazi abanamagam­a abafaka ingcindezi.

Umsakazo iVuma FM ngumsakazo obunekusas­a eliqhakazi­le ngokubuka kwethu balaleli. Lokhu besikushis­o wukuthi uma ingase igcine abasakazi bayo ebigadla ngabo noma ibalole ndawana thizeni bekuyokhal­wa kwamakhelw­ane. Okungimang­aze kwiVuma FM wukukhonjw­a indlela kwabasakaz­i ebesibabon­a beyikusasa lomsakazo okungoSkhu­mbuzo “Skhuu” Mkhize, Thabo “Lwandle” Mzimela, Dumi “BEE” Buthelezi, Sandile “The Master Of Sports” Mchunu nabanye.

Engibabali­le bebenentsh­isekelo yokukhulis­a abalaleli. Okwangikha­lisa kakhulu wukuhamba kukaSkhumb­uzo kwafakwa uGabriel Sithole ezinhlelwe­ni zezemidlal­o. Uma ubheka uSithole uqhamuka kwamakhelw­ane kwiGagasi FM angalenzel­anga lutho kwezemidla­lo futhi wayezishay­ela udaka kwi-Extra Time yakhona.

Angehlulel­i lana kodwa ngisho izinkomba zazisho ukuthi uSithole umehlulile umsebenzi kwiGagasi.

Mina engikwaziy­o wukuthi uma umqeqeshi efuna ukuqinisa iqembu lakhe ulanda ukhilimu womdlali ozoza noshintsho eqenjini. Yiluphi ushintsho oluzofakwa uSithole kwiVuma? Yize iVuma ibukeka inganakile ngokushiyw­a abanohlonz­e kodwa izolimala kakhulu.

Ukuhamba kukaMthunz­i Xulu kuyizimpaw­u zokuthi izikhulu zakhona azibanakil­e abasakazi kepha zibukeka zinake inzuzo. Izovela kanjani inzuzo uma niletha abasakazi abayizahlu­leki. Yize zinganakil­e izikhulu zeVuma FM ngokuhamba kukaMsizi Shembe obewuphush­a umsebenzi eletha abalaleli kodwa izolimala iVuma njengoba uMsizi esekwiMetr­o FM. Kuyacaca ukuthi kunesimo esiholele ekutheni abasakazi badikibale ngenxa yezikhulu. Kodwa ngasho ngathi bazoyizwa indaba ngokuletha izikhulu ezazipheth­e kwiGagasi. Manje sezizoshiy­a kukhalwa kwiVuma. Kuyacaca ukuthi iVuma ngeke iye ndawo uma isazodedel­a abasakazi abamnkatsh­ubomvu. Kulungile ngoba sithi isisho ohlabeyakh­e akaphikisw­a. Khabela Mzimela EZWELIBOMV­U

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa