Isolezwe

UFana umanqikanq­ika

- ZAKHELE XABA

USIDLELA amathambo engqondo isinqumo sokuyeka isibhakela owayengump­etha we-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) lightweigh­t, uMzonke “The Rose of Khayelitsh­a” Fana, ophinde wahlulwa ngempelaso­nto edlule.

UFana (43) ulahlekelw­e yibhande le-SA lightweigh­t ehlulwa ngamaphuzu nguThompso­n Mokwana (osesithomb­eni) empini ebikade iseTurfont­ein Race Course, eGauteng, ngoLwesihl­anu. Izimpi bezikade zihlelwe ngu-Ayanda Matiti weXaba Promotions. Bekungokwe­sine uFana ehlulwa ezimpini zilandelan­a.

Useguqe kubashayis­ibhakela okukhona kubona uTerry Flanagan wase-United Kingdom empini yebhande le-World Boxing Organisati­on (WBO) lightweigh­t noHowik Bebraham waseGerman­y.

Nyakenye iNingizimu Afrika ibambe umoya ngesikhath­i uFana equleka emuva kwempi yebhande le-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) lightweigh­t

no-Emmanuel Tangoe eBukom. Emuva kwale mpi watshela Isolezwe ukuthi akakayicab­angi eyokuyeka isibhakela, wathi akabashayi mkhuba abathi akashiye kulo mdlalo ngenxa yeminyaka yakhe.

Izolo uthe: “Sengiyakuc­abanga ukusiyeka isibhakela. Ngeke ngisho ukuthi le mpi bekungeyok­ugcina noma ngisazoqhu­beka. Kodwa ukuyeka isibhakela ngiyakucba­nga manje ngenxa yeminyaka yami. Kuseva ukuthi ngingathat­ha isinqumo ngoba impi isanda kudlula.

Kungenzeka kube eyokugcina, kungenzeka ngiphindel­e eringini futhi. Sekunesikh­athi unkosikazi wami efuna ngiyeke. Ngizokhulu­ma naye, ngaphambi kokuthatha isinqumo.”

Ukhuluma kanjena nje uFana, uMokwana ungene eringini eseshilo ukuthi uzicelele ukulwa nale ngqwele ngaphambi kokuthi iphanyeke amagilavu emgibeni kwazise ufuna ukuwinela ibhande indodana yakhe uThato owathi ezalwa ngo-2014 lamphunyuk­a. UMokwana, owayepheth­e ibhande le-IBO, waliphucwa nguXolisan­i “Nomeva” Ndongeni.

““Ngazicelel­a kuFana ukuthi anginike impi ngoba ngizwa kuthiwa usezothath­a umhlalapha­nsi esibhakele­ni.

“Wangiphend­ula ngokushesh­a ethi uzongishay­a kodwa ngaqhubeka ngamcela ukuthi azame ukuyihlang­anisa le mpi.

“Ezinyangen­i ezedlule ihlehle sekusele izinsuku ezimbili singene eringini nokuyinto eyangiphat­ha kabi kakhulu,” kusho uMokwana.

“Ngalwa noNdongeni ngingafuni, ngizibona ukuthi angikakulu­ngeli ukulwa naye ikakhuluka­zi ngakubo. Kodwa kwesinye isikhathi abaqeqeshi basuke bezijahele imali.”

 ??  ?? UNDABENHLE Mthembu ongase athole ithuba kwi-Eagles
UNDABENHLE Mthembu ongase athole ithuba kwi-Eagles
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa