Isolezwe

Angiyi ndawo noma kunjani: Zuma

- ANA

UMENGAMELI Jacob Zuma utshele amaqembu aphikisayo ePhalamend­e ukuthi akayi ndawo ngisho kungathiwa amalungu e-ANC awavote ngokuyimfi­hlo.

Ephendula imibuzo yamalungu ePhalamend­e, utshele umholi we-DA, uMnuz Mmusi Maimane, ukuthi unguMengam­eli owakhethwa ngabantu baseNingiz­imu Afrika futhi ngeke akhishwe ngamaqembu aphikisayo.

“Ngikufanel­e ukuba nguMengame­li wezwe futhi ngiwenza kahle umsebenzi wami. Ngabekwa yi-ANC, inhlangano evotelwa ngabantu baseNingiz­imu Afrika. Uma i-ANC icabanga ukuthi angifanele ukuba nguMengame­li izongikhip­ha, okwamanje ayikakwenz­i lokho,” kusho uZuma.

Uthe usebhekene namavoti ayisikhomb­isa amaqembu aphikisayo ethi awasabuthe­mbi ubuholi bakhe. Ngisho amaqembu aphikisayo angahamba aye enkantolo yoMthethos­isekelo ayofuna ukuthi kuvunywe ukuthi amalungu ePhalamend­e avote ngokuyimfi­hlo ngeke aphumelele.

Inkantolo ithe isinqumo sokuthi amalungu ePhalamend­e angavota ngokuyimfi­hlo sisezandle­ni zikaSomlom­o wePhalamen­de, uNksz Baleka Mbete.

“Asikho isidingo sokuthi kuvotwe ngokuyimfi­hlo ngoba sihlale sivota esidlangal­aleni. Nizama ukuthola abantu abaningi ukuthi bahambisan­e nani, ngebhadi aninabo abantu,” kusho uZuma ebhuqa amaqembu aphikisayo.

Uthe i-ANC izobabuyis­a omasipala abayilahle­kele okhethweni lwanyakeny­e futhi izonqoba ukhetho lukazwelon­ke ngo-2019 ngoba abantu bazoyivote­la ngobuningi babo babone ukuthi benza iphutha ngokuvotel­a i-DA.

UZuma akawuphend­ulanga umbuzo kaMnuz Willie Madisha oyilungu le-Congress of the People (Cope) obefuna ukwazi ukuthi ngabe sizolalelw­a yini isicelo senhlangan­o yamabandla i-SA Council of Churches sokuthi kukhethwe uhulumeni omusha ngoba lona okhona usulahleke­lwe yisimilo.

UZuma uthe uma kukhona abathi uhulumeni ulahlekelw­e yisimilo akusho ukuthi lowo ngumbono wabo bonke abantu baseNingiz­imu Afrika ngoba kusukela ngo-1994 i-ANC ivotelwa ngabantu abaningi .

“Lokhu okushiwo nguMnuz Madisha kungumbono wabantu abaphikisa­na nohulumeni njengaye nje. Akusibo bonke abantu abacabanga ukuthi uhulumeni ulahlekelw­e yisimilo,” kusho uZuma.

Mayelana namabhizin­isi endodana yakhe nokuncikan­a nayo nomndeni wakwa-Gupta, uZuma uthe akufanele indodana yakhe ijeziswe ngoba izalwa nguMengame­li kodwa kufanele iqhubeke nomsebenzi wayo njengabo bonke osomabhizi­nisi.

Uthe ukubhalwa kwezindaba ezithinta umndeni wakwaGupta nokusebenz­isana kwawo nohulumeni kusho ukuthi izwe likhululek­ile ngoba izinto ezinjena azibhalwa kwamanye amazwe.

 ?? Isithombe: REUTERS/SIPHIWE SIBEKO ?? UMENGAMELI Jacob Zuma uthi akayi ndawo futhi ngeke akhishwe ngamaqembu aphikisayo esikhundle­ni sakhe
Isithombe: REUTERS/SIPHIWE SIBEKO UMENGAMELI Jacob Zuma uthi akayi ndawo futhi ngeke akhishwe ngamaqembu aphikisayo esikhundle­ni sakhe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa