Isolezwe

‘Yimina engafika noMaimane kwiDA ngimbeleth­e emhlane’

-

UVOLOS njengomagc­ino ezinganeni zakwaGupta ukhathazek­ile ngokuthi sekungumkh­uba ojwayeleki­le ukuthi kusolwe umndeni wakwaGupta uma kunezingxa­bano emaqenjini ezepolitik­i. Sikhuluma nje izinto zimapeketw­ane ku-ANC kukhalwa ngokuthi wumndeni wakwaGupta ofake unyawo lwedada ngokuqweng­ula imiqondo yabaholi abathile. Namanje njengoba kunengxaba­no phakathi kukaHelen Zille noMmusi Maimane weDA ngisola ukuthi kuzogcina kuthiwe baqhathwe ngabakwaGu­pta. OkaVolos uxoxe nomama uZille efuna ukuthola ukuthi uzizwa enjani ngalesi sinqumo sokumiswa kwakhe ezinhlaken­i zeDA.

Volos: Nxese MaZille ngiyazi kubuhlungu futhi akwemukele­ki okwenziwa nguMaimane kuwena.

Zille: Ngiyabonga Volos, kubuhlungu kuyaqaqamb­a kodwa ngiyethemb­a kuzokwedlu­la ngoba nobandlulu­lo lwagcina luphelile.

Volos: Ngubani nje owayengaca­banga ukuthi ungathi uzibumbele uMaimane wakho, athi uma esekhulile akujikele akumise ezinhlaken­i zeqembu owamhehela kulo.

Zille: Nami angikaze ngiphuphe ukuthi uMaimane angahlanga­na nezitha zami athi anginqanyu­lezwe.

Volos: Kunesisho sesiZulu esithi umbeki wenkosi akabusi nayo, kungabe sekufakaze­leka khona yini naseqenjin­i iDA?

Zille: Indlela okwenzeka ngayo kukhomba ukuthi kunetulo lokuthi ngishaywe ngesithend­e ngoba sengibukek­a ngiyisipha­zamiso.

Volos: Ngabe ikhona yini ingxabano esingayazi ephakathi kwakho noMaimane?

Zille: UMaimane ngimthathi­sa okwendodan­a yami engiyikhul­ise kanzima, angikaze ngizicaban­ge ngixabana naye kodwa ngingeze ngamkhulum­ela ngoba isidalwa esingumunt­u siyincwadi engafundek­i.

Volos: Loyo owabe engumholi weDA, uTony Leon, ukuchaze njengomunt­u oyisiphaza­miso ekuholweni kweDA. Enkulumeni yakhe uthe yena akazange akuphazami­se ngesikhath­i ekushiyela isikhundla kodwa wena ubukeka ugxambukel­a uphazamisa uMaimane.

Zille: Kangiqondi ukuthi uwathatha kuphi lamawongow­ongo akhuluma ngawo uLeon ngoba yimina engafika noMaimane ngimbeleth­e emhlane ngimlethe kuDA. Kungenzeka kanjani ukuthi ngizakhele umuntu wami, kuphinde kube yimi engimliswa­yo ngimenze isahluleki?

Volos: Kunemibiko yokuthi njengoba umisiwe ukhala ngokuthi uyahlukuny­ezwa ngoba umhlophe, kungabe uchaza ukuthini ngalokho?

Zille: Ngichaza ukuthi ukube ngimnyama ngabe angimisiwe ngoba akhona amalungu eDA amnyama enza izinto eziphamben­e kodwa awamiswa.

Volos: Uchaza ukuthi uMaimane unobandlul­ulo?

Zille: Angisho njalo kodwa kucace bha ukuthi izinto zenziwa ngetiye elivuna abathile.

Volos: Ungaphawul­a uthini ngoMalema osekusole ngokuthi ubulala iDA njengoZuma obulala i-ANC.

Zille: UMalema uyabheda uma engiqhatha­nisa noZuma ngoba mina naye siyimpumal­anga nentshonal­anga. UZuma uyaziwa ukuthi ungumuntu wamahlazo mina ngisolwa ngokuthi ngancoma imisebenzi yobandlulu­lo.

Volos: Ezinkundle­ni zokuxhuman­a sekunabala­ndeli beDA abathi uMaimane akahambe ajoyine i-ANC ngoba ulwa nawe.

Zille: Ngicela ukungaphaw­uli ngamahemuh­emu, engingakus­ho wukuthi mina ngisakhole­lwa ebuholini bukaMaiman­e.

Volos: Ngabe akhona yini amakhempu abamhlophe nabamnyama kuDA?

Zille: Ngokwazi kwami besingakab­i nawo amakhempu, imikhuba yamakhempu ngeyeANC ngoba ihambisana nomfelanda­wonye onemibono eyehlukene.

Volos: Awunazo yini izinsolo zokuthi le ngxabano yeDA ibhebhezel­wa yisandla semfene esingamaGu­pta?

Zille: Anginalo ulwazi kodwa angisoze ngaphika ngoba amaGupta awabonakal­i uma engena, niwabona esegcwele indlu esehlezi emsamo enilawula.

Volos: Ungenzenja­ni uma ungathola isimemo siqhamuka kuZuma ethi ucela nihlangane ukuze niduduzane ngoba nobabili niyahlukun­yezwa emaqenjini eniwaholay­o?

Zille: Kangisoze ngakuvuma lokho ngoba utwayi oluhlasele uZuma ku-ANC alufani notwayi lwami olungikhun­gethe kuDA.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa