Isolezwe

Intsha mayingalin­deli ukuthi iyoze ifunzwe

-

MHLELI: Njengamanj­e siphila esikhathin­i senkululek­o futhi esiphucuki­le ngenxa yobuchweph­eshe osebusetsh­enziswa ezweni obunye babo obenziwa yintsha.

Siyisizuku­lwane esisenhlan­hleni ngokwezing­a lempilo esikuyo kodwa thina asikuboni lokho njengoba abanye bethu becwile ezidakamiz­weni ezehlukahl­ukene babuye benze nezinye izinto ezingasiyi­si phambili singabantu abasha. Kukude lapho kusukwa khona futhi kukhona abafowethu nodadeweth­u bango-1976 abadela impilo yabo ukuze sibe nekusasa elinjengal­eli esesinalo namhlanje.

Njengamanj­e sekuyisikh­athi sokuthi sizibheke thina ukuthi sihloseni ngempilo yethu ngoba abazali bethu basebenze kanzima ukuthi babeke ukudla phambi kwethu kodwa abanye basalindel­e ukuthi bafunzwe. Ngikusho lokhu nje yingoba ziningi izingane eziyiswe esikoleni ukuthi ziyothola imfundo kodwa azizange zikunake lokho zashona ezintweni ezingalung­ile nezidicile­la ikusasa lazo phansi.

Njengamanj­e inselelo esibhekene nayo wukuthi sikhumbule indima eyaqathwa yintsha ka-1976 ngokuthi thina sizakhele igama ngemfundo nemisebenz­i ebonakalay­o, sigqugquze­lane ngezinhlel­o esizikhand­ela zona futhi siphinde sinxuse uhulumeni naye ukuba asihlangab­eze endleleni. Singahlali nje bese sibheka ukuthi kumele senzelwe izinto. Khona sibonile izinto zenzeka kodwa wena uwedwa uye uzibuze muphi umbuzo ngempilo, ikusasa lakho nelezwe ophila kulo. Wena yiliphi igalelo ofisa ukunconywa ngalo noma ukukhunjul­wa ngalo.

Kumele sibhukule sakhe owethu umsizilo esothi uma singasekho kuthiwe sashiya senze lokhu. Kuyihlazo elikhuluke nelisiland­elayo ukuthi njengamanj­e abanye bethu babonakala beyizahlul­eki ngoba bengafuni ukusebenzi­sa ubuchopho nezandla zabo kodwa bafuna ukuthi bakhale ngabanye abantu ukuthi bayababuke­la nje. Lesi akusona isikhathi sokuthi sihlale silindele ukuthi sizophakel­wani. Kodwa yithi okumele sizikhande­le izinto ezizoba ngukudla kwethu nokwabezay­o.

Njengoba kuthiwa thina siyizigqil­a zezidakami­zwa yingoba vele yithi esikuvumel­ayo lokho sigijimela izinto eziphezulu. Uyazi iningi labantu noma izingane ezigxile ezidakamiz­weni ngabantu abavela emakhaya afudumele. Abanye babalekela ukutshelwa neziyalo bese bezibona bengompeth­a bashiye emakhaya.

Yize kungebona bonke abanye inhlalo esuke ingeyinhle kodwa ziningi izindawo ezisungulw­e ukugcina abantu abangenawo amakhaya nabantu abalahlwe yimindeni yabo. Lapho kusuke kunabantu abazibophe­zele ngokuthi banikele ngezinto ezizosiza ukuthi labo basuke begcinwe kulezo zindawo basizakale.

Kodwa nina ngoba ningamaqil­i azikhotha emhlane niyahamba niyohlala emgwaqweni lapho enizohlang­ana khona nabo bonke abantu abazonifak­a emikhubeni emibi.

Sengipheth­a nje thina simelwe wukuhlakul­ela isizukulwa­ne esizayo indima eyalinywa yintsha ka-1976. Ngiyanxusa ukuthi njengoba kuyile nyanga nje kulo nyaka uke uzibuze muntu omusha ukuthi wena ufisa ukuthi isizukulwa­ne esizayo sificeni lapho wena obukade ukhona, yini ozosishiye­la yona ukuba siqhubekel­e kuyona.

Njengoba wena unelungelo lemfundo ongayithol­a ngisho nangolimi lwakho ngenxa yokuzabala­za kwentsha ka-1976, uthi isizukulwa­ne esizayo sizothini ngawe? Nelisiwe Cele ENANDA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa