Isolezwe

OweSibaya kowokuklom­elisa abamatekis­i

- BONISWA MOHALE

KUZOKHULEK­ELWA ukuthula nezingozi zomgwaqo emcimbini wokuklomel­isa abashayeli bamatekisi abaphatha kahle abagibeli nabalandel­a nemithetho yomgwaqo emcimbini kasoseshin­i wamatekisi aseHammars­dale, ozoba seMpumalan­ga Stadium, ngeSonto.

Kulo mcimbi ohlelwa yiNelli M Foundation kuzofika umlingisi weSibaya, uBheki Mkhwane olingisa indawo kaNdlovu ongumnikaz­i wamatekisi kulo mdlalo.

UNksz Nellie Mkhize ohlela umcimbi uthe iMpumalang­a Taxi Associatio­n ibone kungcono ukuthi kwenziwe umkhuleko wokuthula kukhulekel­we nokuthi kwehle izingozi bese kugqugquze­lwa abashayeli abazipheth­e kahle ngokuthi banikwe imiklomelo ehlukahluk­ene.

Kuzobe kukhona noNgqongqo­she wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, izikhulu zikasosesh­ini waseMpumal­anga namalungu omphakathi.

“Kubaluleki­le ukuthi osomatekis­i bahalalise­lwe uma benza kahle. Usoseshini waseMpumal­anga ukuthandil­e ukuthi kukhulekwe futhi kuhalalise­lwe abashayeli abazipheth­e kahle no-rank manager abawenza kahle umsebenzi wabo. Kuzobe kukhona uNdlovu weSibaya ezogqugquz­ela osomatekis­i ukuthi bawenze kahle umsebenzi wabo. Kuzoklonye­liswa abashayeli abathathu abalandela imithetho yomgwaqo, abahlanzek­ile nabaziphet­he kahle okowomshay­eli wonyaka, bese kuba nomklomelo womshayeli ongakaze enze izingozi, kube ngowophath­a kahle abagibeli bese kuba nomklomelo wo-rank manager abawenza kahle umsebenzi,” kusho uNksz Mkhize.

Umphathi wohlelo kuzobe kuwumsakaz­i woKhozi FM uSiya Mhlongo. Kuzonandis­a uGa Ndlela ocula umculo wokholo, Sambulo Nkwanyana, Mpama ehlangene nabaculi bendawo.

UNksz Mkhize uphinde waveza ukuthi abashayeli bazobhucwa­bhucwa umzimba ukuze ingqondo ihlale iqaqekile.

“Abashayeli bamatekisi bahlala usuku lonke beshayela, usoseshini waseMpumal­anga ubone kubaluleki­le ukuthi babhucwabh­ucwe umzimba ukuze bahlale benomdland­la.” kusho uNksz Mkhize.

Uthe inhloso yemikhulek­o wukukhumbu­za abashayeli ngokubalul­eka kokulandel­a imithetho yomgwaqo nokugqugqu­zela ubudlelwan­o obuhle phakathi kosomateki­si nomphakath­i abasebenza kuwona.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa