Isikhalo ngokungasebenzi kwamathuna amadala aseMlaza
SIKHULU isikhalo ngamathuna amadala aseMlaza, eSeventini kwazise sekuphele iminyaka emibili engasebenzi.
Izakhamuzi zakuleli lokishi zithi kuyazihlukumeza okwenzeka kulawa mathuna kwazise azisakwazi ukungcwaba kuwona, nanokuthi izihlobo zazo eziningi zilele kuwona.
Ngesikhathi Ezemingcwabo zihambele kuleli lokishi, zizithele kuNksz Nonkululeko Phiri obekhala ezimathonsi njengoba naye lumthinta lolu daba.
“Asisakwazi ukungcwaba laphaya. Mhlawumbe isiphelile iminyaka emibili noma emithathu kuvaliwe. Kuba nzima nokungcwaba isihlobo sakho ngoba usukhonjwa kwenye indawo ekude. Kungani thina singazanyelwa enye indawo yokungcwaba?’’ kubuza uNksz Phiri.
Uthe okungenani kungakuhle bazanyelwe indawo eNgonyameni.
“Uma siyongcwaba sikhonjwa eGolokodo ngenxa yokuthi asinayo indawo yokungcwaba. Siyahlupheka ngempela. Uma ngabe iSeventini isigcwele sicela ukuthi sifunelwe indawo eNgonyameni,” kuzikhalela uNksz Phiri.
Omunye okhulume nezeMingcwabo osebenza khona emathuneni, uthe ukuvalwa kwawo kwaba nenhlese yepolitiki phakathi.
Uthe abanye abasebenzi bakaMasipala weTheku abasebenza emathuneni babepiklela abasendaweni ngokuthi bona bangene ngokwenhlangano kulo msebenzi.
“Abantu bendawo bagcina sebehlangana bathatha isinqumo sokubadingisa abasebenzi bathi abayosebenza ngasemakubo.
“Bafika nje la emathuneni babakhipha, bahamba. Amathuna avalwa lokho lokho njengoba namanje engakasebenzi,’’ kusho omunye osebenza emathuneni.
Uthe kungenzeka ukuthi uMnyango wezamaPaki namaThuna eThekwini ungenelile kulolu daba ngoba ngo-2015 kusaphethe elinye ikhansela uMnuz Lihle Khuzwayo we-ANC, kuthe esephuma kwangena ikhansela leNkatha, uMnuz Mbangeni Sijadu, wamchazela ngokwenzekayo wazama ukumeluleka ngalolu daba.
“Ngathi kuyena akazame ukuhlela indaba yalawa mathuna ngoba abantu baseMlaza bayahlupheka ngase ngamtshela ukuthi akazame ukutshela nonsumpa wamathuna.
“Wathi njengoba lawa mathuna avalwa engakangeni ebukhanseleni akakwazi ukuthi atshele abantu ukuthi ababuyele emsebenzini ngoba lokho akuphephile. Wagcina esethi uzozama ukungenelela kulolu daba.
“Abanye baze baphakamisa ukuthi okungenani akuqashwe abantu ababili noma abathathu basendaweni khona kuzogwemeka izinxushunxushu.’’
Kuthintwa iNhloko yoMnyango wezamaPaki namaThuna kuMasipala weTheku uMnuz Thembinkosi Ngcobo, uthe wake wasizwa isiphakamiso esifuze leso sokuthi kuqashwe abantu baseSeventini kulawa mathuna.
“Usujwayelekile umkhuba ofana nalowo kuma-ward aseThekwini lapho abantu bendawo bethi kumele kusebenze bona ngasemakubo.
“Into efana naleyo awukwazi ukuyivuma nanokuthi ayihambisani nemigomo kamasipala,’’ kusho uNgcobo.
Uthe mayelana nokusebenza kwamathuna aseSeventini kusazoba khona umhlangano wekomiti lapho kuzodluliswa imibiko hhayi kuphela ngalawa mathuna kodwa namanye aseThekwini njengoba kuzophakanyiswa ukuthi abasebenzi bagadwe uma benza umsebenzi wabo ngoba iyabiza imishini abayisebenzisayo yokugunda utshani,’’ kusho uNgcobo.
Khonamanjalo, uNgcobo, uthe ngoJulayi 1, 2017, iyanyuka imali yokuthenga umgodi kuMasipala weTheku.
“Imali yomgodi inyuka njalo ngoJulayi 1 minyaka yonke kwazise kusuke sekuqala unyaka omusha wezimali kumasipala.”
Yize engashongo ukuthi izonyuka ngamalini kodwa Ezemingcwabo zingakuqinisekisa ukuthi imali yomgodi ngeke ifane kuwona wonke amathuna aseThekwini kwazise ayahluka.
Asihlangane ekhasini lethu kuFacebook: Isolezwe Ezemingcwabo