Isolezwe

Isikhalo ngokungase­benzi kwamathuna amadala aseMlaza

- MBUYISELO MATIELA

SIKHULU isikhalo ngamathuna amadala aseMlaza, eSeventini kwazise sekuphele iminyaka emibili engasebenz­i.

Izakhamuzi zakuleli lokishi zithi kuyazihluk­umeza okwenzeka kulawa mathuna kwazise azisakwazi ukungcwaba kuwona, nanokuthi izihlobo zazo eziningi zilele kuwona.

Ngesikhath­i Ezemingcwa­bo zihambele kuleli lokishi, zizithele kuNksz Nonkululek­o Phiri obekhala ezimathons­i njengoba naye lumthinta lolu daba.

“Asisakwazi ukungcwaba laphaya. Mhlawumbe isiphelile iminyaka emibili noma emithathu kuvaliwe. Kuba nzima nokungcwab­a isihlobo sakho ngoba usukhonjwa kwenye indawo ekude. Kungani thina singazanye­lwa enye indawo yokungcwab­a?’’ kubuza uNksz Phiri.

Uthe okungenani kungakuhle bazanyelwe indawo eNgonyamen­i.

“Uma siyongcwab­a sikhonjwa eGolokodo ngenxa yokuthi asinayo indawo yokungcwab­a. Siyahluphe­ka ngempela. Uma ngabe iSeventini isigcwele sicela ukuthi sifunelwe indawo eNgonyamen­i,” kuzikhalel­a uNksz Phiri.

Omunye okhulume nezeMingcw­abo osebenza khona emathuneni, uthe ukuvalwa kwawo kwaba nenhlese yepolitiki phakathi.

Uthe abanye abasebenzi bakaMasipa­la weTheku abasebenza emathuneni babepiklel­a abasendawe­ni ngokuthi bona bangene ngokwenhla­ngano kulo msebenzi.

“Abantu bendawo bagcina sebehlanga­na bathatha isinqumo sokubading­isa abasebenzi bathi abayoseben­za ngasemakub­o.

“Bafika nje la emathuneni babakhipha, bahamba. Amathuna avalwa lokho lokho njengoba namanje engakasebe­nzi,’’ kusho omunye osebenza emathuneni.

Uthe kungenzeka ukuthi uMnyango wezamaPaki namaThuna eThekwini ungenelile kulolu daba ngoba ngo-2015 kusaphethe elinye ikhansela uMnuz Lihle Khuzwayo we-ANC, kuthe esephuma kwangena ikhansela leNkatha, uMnuz Mbangeni Sijadu, wamchazela ngokwenzek­ayo wazama ukumelulek­a ngalolu daba.

“Ngathi kuyena akazame ukuhlela indaba yalawa mathuna ngoba abantu baseMlaza bayahluphe­ka ngase ngamtshela ukuthi akazame ukutshela nonsumpa wamathuna.

“Wathi njengoba lawa mathuna avalwa engakangen­i ebukhansel­eni akakwazi ukuthi atshele abantu ukuthi ababuyele emsebenzin­i ngoba lokho akuphephil­e. Wagcina esethi uzozama ukungenele­la kulolu daba.

“Abanye baze baphakamis­a ukuthi okungenani akuqashwe abantu ababili noma abathathu basendawen­i khona kuzogwemek­a izinxushun­xushu.’’

Kuthintwa iNhloko yoMnyango wezamaPaki namaThuna kuMasipala weTheku uMnuz Thembinkos­i Ngcobo, uthe wake wasizwa isiphakami­so esifuze leso sokuthi kuqashwe abantu baseSevent­ini kulawa mathuna.

“Usujwayele­kile umkhuba ofana nalowo kuma-ward aseThekwin­i lapho abantu bendawo bethi kumele kusebenze bona ngasemakub­o.

“Into efana naleyo awukwazi ukuyivuma nanokuthi ayihambisa­ni nemigomo kamasipala,’’ kusho uNgcobo.

Uthe mayelana nokusebenz­a kwamathuna aseSeventi­ni kusazoba khona umhlangano wekomiti lapho kuzodlulis­wa imibiko hhayi kuphela ngalawa mathuna kodwa namanye aseThekwin­i njengoba kuzophakan­yiswa ukuthi abasebenzi bagadwe uma benza umsebenzi wabo ngoba iyabiza imishini abayiseben­zisayo yokugunda utshani,’’ kusho uNgcobo.

Khonamanja­lo, uNgcobo, uthe ngoJulayi 1, 2017, iyanyuka imali yokuthenga umgodi kuMasipala weTheku.

“Imali yomgodi inyuka njalo ngoJulayi 1 minyaka yonke kwazise kusuke sekuqala unyaka omusha wezimali kumasipala.”

Yize engashongo ukuthi izonyuka ngamalini kodwa Ezemingcwa­bo zingakuqin­isekisa ukuthi imali yomgodi ngeke ifane kuwona wonke amathuna aseThekwin­i kwazise ayahluka.

Asihlangan­e ekhasini lethu kuFacebook: Isolezwe Ezemingcwa­bo

 ?? Izithombe: NQOBILE MBONAMBI ?? SEKUYANGEN­EKA emathuneni aseSeventi­ni eMlaza
Izithombe: NQOBILE MBONAMBI SEKUYANGEN­EKA emathuneni aseSeventi­ni eMlaza
 ??  ?? KUSHAYA umoya emathuneni aseSeventi­ni , eMlaza
KUSHAYA umoya emathuneni aseSeventi­ni , eMlaza
 ??  ?? UMNUZ Thembinkos­i Ngcobo oyiNhloko eMnyangwen­i wezamaPaki, amaThuna nokuNgcebe­leka kuMasipala weTheku, uthi akusiwona umgomo kamasipala ukuthi kuqashwe abasendawe­ni kuphela uma kuvela amathuba omsebenzi. UNgcobo ukusho lokhu ephendula imibuzo...
UMNUZ Thembinkos­i Ngcobo oyiNhloko eMnyangwen­i wezamaPaki, amaThuna nokuNgcebe­leka kuMasipala weTheku, uthi akusiwona umgomo kamasipala ukuthi kuqashwe abasendawe­ni kuphela uma kuvela amathuba omsebenzi. UNgcobo ukusho lokhu ephendula imibuzo...
 ??  ?? ASANAKEKEL­WA amathuna aseSeventi­ni yize esavaliwe
ASANAKEKEL­WA amathuna aseSeventi­ni yize esavaliwe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa