UJayiya akasafuni ukugcogcoma
KUNKENTEZA amazwi kanina ezindlebeni zomdlali weCape Town City, uBhongolwethu Jayiya, okuvela ukuthi ufunwa yinqwaba yamaqembu kwi-Absa Premiership.
UJayiya ungomunye wabadlali abashaye into ecokeme kwiCity ngaphansi kobuholi bomqeqeshi u-Eric Tinkler omenyezelwe njengozopheka iSuperSport United ngesizini ka-2017/2018. Inkontileka yakhe neCity iyaphela ekupheleni kwenyanga nokusho ukuthi angajoyina noma yiliphi iqembu.
Emasontweni edlule kuvele ukuthi ufunwa yinqwaba yamaqembu okukhona kuwo iKaizer Chiefs efuna ukuqinisa isikwati sayo ngaphambi kokuqala kwesizini entsha. UJayiya ungomunye wabadlali abangonxiwa lingamili mbuya ebholeni laseMzansi kwazise usegcogcome amaqembu amaningi adlala kuwona isizini eyodwa kuphela.
Ekuqaleni kwesizini ka-2013/2014 ubolekiswe yiBidvest Wits kwiMaritzburg United, wadlala isizini eyodwa. Ngeka2014/2015 udlale kwiMpumalanga Black Aces. Ngesizini ka-2016/2017 uyibambe kwiCape Town City.
“Ngesikhathi ngifika ekhaya ekupheleni kwesizini umama ungibizile wangitshela ukuthi sengiwadlalele amaqembu ahlukene futhi ngenza kahle. Kodwa ubona sekuyisikhathi sokuthi ngidlalele elinye lamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika. Lokho kuyisifiso sabo bonke abadlali kodwa asilinde sibone ukuthi kuzokwenzekani,” kusho uJayiya.
“Ngidinga iqembu elizoba yikhaya lami manje, sengigcogcome kakhulu. Kodwa engikubonayo ukuthi ngenza kahle uma ngingekho ekhaya ngoba ngisuke nginganethezekile. Inkontileka yami neCity iyaphela ekupheleni kwenyanga futhi maningi amaqembu engikhuluma nawo.”
ICity ehlanganiswe ekuqaleni kwesizini edlule, iwine indebe yeTelkom Knockout. Ngaphandle kwalokho iqede endaweni yesithathu kwi-log yePremiership. Usihlalo weCity, uJohn Comitis usevele uphumele obala ngokuthi ufuna ukuqinisa isikwati sayo ngokusayinisa abanye abadlali. Usanda kuqasha uBenni McCarthy njengomqeqeshi.
“Ngeke ngiwuvale umnyango kwiCity ngoba inomqeqeshi omusha. Izinto kuyenzeka zihlangane ngemizuzu yokugcina. Ngingathanda ukusebenza noBenni kodwa ngizolinda ngibone ukuthi kwenzekani,”kusho uJayiya.
“Sisebenze kahle eKapa njengeqembu kwazise besivele sijwayelene singabadlali. Abantu bebengalindele ukuthi singenza lokhu esikwenzile kodwa konke bekungenxa yokubambisana.”