‘Iphelela emoyeni imigomo’
YIZE i-ANC inemigomo emihle yokuthuthukisa izwe kodwa inkinga wukuthi le migomo igcina isiphelele ezeni njengezithukuthuku zenja ngoba ayifezeki.
Lokhu kuvezwe abahlaziyi bezepolitiki uMnuz Lukhona Mnguni, wasenyuvesi yaKwaZulu-Natal noDkt Mcebisi Ndletyana oyinhloko yophiko olufundisa ngezepolitiki eMapungubwe Institute for Strategic Reflection.
Laba bahlaziyi bebekhuluma njengoba kuqhubeka ingqungquthela yesihlanu yemigomo ye-ANC esongwa namhlanje eNasrec eGoli.
Le ngqungquthela ibhunga imigomo ezophasiswa engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ngoDisemba khona eGoli okuyiyo enamandla okuphasisa imigomo okusuke kuxoxwa ngayo.
UMnguni uthe kule ngqungquthela kuxoxwa ngezinto ezibalulekile ezithinta indaba yokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, ezemfundo, ezempilo, ezokuphepha, izinkinga ezibhekene ne-ANC nezinye ezithinta ukwandiswa kwezikhundla zabaholi abaphezulu ezaziwa nge-Top 6.
“Mihle impela imigomo ye-ANC kodwa igcina ifana nento engekho ngoba ayifezeki. Uma ubheka imigomo eyayishaywa eminyakeni edlule uthola ukuthi eminingi yayo igcina ingenzekanga noma uma yenzeka kuthatha isikhathi,” kusho uMnguni.
Okunye akubalulile yindaba yokuthi kwanqunywa ukuthi kumele kube nemfundo yamahhala kuze kube umfundi uthola iziqu zokuqala enyuvesi kodwa namanje akukenzeki.
“UMengameli uze wajuba ikhomishini ephenya ngale mfundo ekubeni kade kwanqunywa ukuthi le mfundo ibe khona. UZuma (Jacob) bekumele ahlanganise imibiko eyenziwa amakomiti ahlukene nocwaningo olwenziwa amanyuvesi ngale mfundo bese kunqunywa ukuthi iqala nini. Abafundi kumanje balinde ngabomvu ukuzwa ngale mfundo.”
Uthe okunye yindaba yomhlaba ukuthi kumele ubuyiselwe kubantu kodwa uhlelo luhamba kancane.
“Yingakho kule ngqungquthela uthola ukuthi sebekhuluma indaba yokuthi ubuyiswe ngaphandle kwesinxephezelo. Nakhona i-ANC ayichazi ukuthi yimuphi lowo mhlaba, olinywa abalimi kumanje noma ongenamuntu. Kumele kuchazwe ukuthi yimuphi lowo mhlaba. Ukuze leli phupho lifezeke kudingeka kushintshwe uMthethosisekelo wezwe okudinga namanye amaqembu esingazi noma angavumelana nalesi siphakamiso,” kusho uMnguni.
Uthe kumele uma kudliwa umhlaba olinywayo abantu akumele balambe noma izwe ligcine selifana neZimbabwe eyathatha umhlaba abantu bakhona bagcina sebelamba.
Uthe eminye yemigomo ekhona wumqulu wokuthuthukisa izwe, iNational Development Plan (NDP) i-ANC ewusebenzisayo ukufeza izidingo zezwe.
“Enye nje yezinto ezikhona kwiNDP wudaba lwezomnotho yingakho manje i-ANC isikhuluma ngendaba yokuthi kumele kwenziwe izinguquko ezinqala kwezomnotho ukuze izwe lithuthuke. Yinto osekuphele iminyaka ikhulunywa kodwa kuhamba kancane noma akuhambi nhlobo indaba yokuthi kube nalezi zinguquko ezinqala kwezomnotho,” kusho uMnguni.
UNdletyana uthe kule ngqungquthela kumele kube nezinto ezizodala ubumbano emalungwini e-ANC okubonakala ehlukene. Uthe kumanje kukhulu ukuhlukana ikakhulu njengoba kuyiwa okhethweni lobuholi ngoDisemba.
“Akumele kuze kuxebuke olunye uhlangothi uma kukhona oluhlulwayo. Yingakho kuneziphakamiso zokuthi ohlulwayo embangweni wobumengameli kumele abe yiphini,” kusho uNdletyana.
Uthe mihle impela eminye imigomo wukuthi kuhamba kancane ukuyifaka nokuyenza isebenze. “Abantu sebelahlekelwe yithemba yingakho kwehla ukwesekwa kwe-ANC njalo uma kuyiwa okhethweni. Okumele ikwenze nje wukuqinisekisa ukuthi uma ingqungquthela inqumile kuyasheshiswa ukufakwa kwaleyo migomo.”
Evula le ngqungquthela uZuma unxuse amalungu ukuthi axoxe ngemigomo anqume ngayo ukuze kuthuthuke umphakathi.
“I-ANC inemigomo emihle inkinga wukuthi kuhamba kancane okuyenza isebenze. Ngezinye zezinto okumele siphume sinqumile ukuthi kumele kusheshiswe eyale migomo ukuze abantu bathole izidingo,” kusho uZuma.
UMnuz Jeff Radebe, oyinhloko yemigomo kwi-ANC abuye abe nguNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli, uthe iNDP yaphasiswa eMangaung ngo-2012 wathi eminye yale migomo iyaqhubeka akuyona into yamanje.
“Sibeke kuze kube u-2030 ukufeza izinto ezikwiNDP ngakho akuyona into engenzeka manje iphele manje. Imigomo yinto eloku iphuculwa ngoba nezimo zezwe ziyashintsha.Yingakho sichibiyela sishintshe lapho kumele sishintshe khona ukuze kuhambisane nesikhathi samanje.”
Abahlaziyi bathe eminye yemigomo ye-ANC okwanqunywa ngayo ezingqungqqutheleni ze-ANC ezedlule okubalwa imfundo yamahhala ezikoleni zikahulumeni, ukunyuswa kwesibonelelo sabahola imali yesondlo sabantwana (iqolo) kube iminyaka engu18, ukungabuzwa imidanti uma beya emanyuvesi abahola eyeqolo bamane bamukelwe bathole uxhaso nezinye iziphakamiso sezifezekile.
Izikole eziningi zikahulumeni ikakhulu ezisemadolobheni nasemakhaya sekufundwa mahhala kanti nemali yeqolo seyanyuka kwaze kwaba iminyaka engu18.