UZuma wonile ngokugxeka omakadebona
AKUVE kunzima ukulalela nokwenza into eshiwo ngumuntu osho izinto ezishayisanayo ngesikhathi esisodwa. Kuyafana nomuntu osho lokhu kodwa ebe enza okunye.
Inkulumo kaMengameli we-ANC uMnuz Jacob Zuma yokuvula ingqungquthela yemigomo yeqembu eqhubeka eNasrec, eGoli, ingesinye sezibonelo zalokhu.
Uyiqale kahle inkulumo yakhe ekhuluma ngobumbano nokuthi zonke izinhlaka nezigaba ze-ANC kumele zibambisane ukubuyisa isithunzi seqembu kuqedwe namaqembu angaphakathi enhlanganweni.
Kuthe eseyoyiqeda inkulumo wanenga amanye amalungu enhlangano ngokugxeka omakadebona beqembu ethi bazitshela ukuthi sebebakhulu ngaphezu kweqembu.
UZuma ukhuluma kanjena nje, abanye omakadebona beqembu sebaphumela obala ngokuthi bafuna ehle esikhundleni sokuba ngumengameli ngoba bakholwa wukuthi igama lakhe liyathinteka kwezinye izinkinga zeqembu.
Yingakho sibona ukuthi uZuma ushaye isikhala ngokuhlasela omakadebona ngoba phela yena ungumholi weqembu.
Uma ungumholi indlela ocabanga ngayo nezinqumo ozithathayo kumele kube ngaphezu kokuthi ugxekwa ngubani.
Uma ungumholi ugxekwa, kumele uzinuke amakhwapha, uthole nezeluleko ebese uyalungisa lapho kumele ulungise khona, uma singekho isidingo sokulungisa lokho akusho ukuthi kumele uhlasele labo abakugxekayo.
Kule nkinga yokwentula ubumbano i-ANC ebhekene nayo, uZuma bekumele agxile ekufakeni ugqozi nentshisekelo yokubumbana kumalungu njengoba bekuqala ingqungquthela.
Hhayi ukuthi kube khona uhlaka lweqembu olungena engqungqutheleni seluvele luhluthuke imimoya ngokugxekwa esidlangaleni.
Yebo sesiyaphela isikhathi sikaZuma engumengameli weqembu kepha kusamele alalelwe ahlonishwe kulezi zinyanga ezimbalwa.
Ngemuva kwalokhu naye uyobe esebalwa nomakadebona beqembu okuyolindeleka ukuba umbono wakhe ulalelwe uhlonishwe, uma ungamukelwa lokho kube nesizotha.