Ezimnandi kwabahola eyesibonelelo
IDUBUKELE kulabo abahola imali yesibonelelo sezingane njengoba i-ANC iphakamisa ukuthi kunyuswe iminyaka isuka ku-18 iye ku-21 uma leyo ngane isafunda. Lesi ngesinye seziphakamiso esiphume engqungqutheleni yenqubomgomo ye-ANC ephele izolo eNasrec, eGoli. UNksz Lindiwe Sisulu, wekomiti elibheka inhlalo yabantu, uthe lesi siphakamiso siqhamuke emalungwini kanti sizodluliselwa emagatsheni ukuze kubhungwe ngaso.
“Kukhalwa ngokuthi abanye abafundi basheshe bayeke ukuhola ekubeni besagajwe ububha. Sivumelene ngokuthi inyuswe iminyaka ifinyelele ku-21 kulabo abahola le mali kuphela uma besafunda. Uma bengasafundi kumele bazanyelwe imisebenzi,” kusho uNksz Sisulu.
Abafundi abahola le mali abaya emanyuvesi bazothola uxhaso ngaphandle kokuhlonywa imibuzo nemidanti efunwa uhulumeni uma ezokuxhasa ngaphansi kwesikhwama iNational Students’ Financial Aid Scheme.
UNksz Sisulu, uthe kube nesiphakamiso ebesivela eGauteng sokuthi omahosha kumele bangaboshwa.
“Isiphakamiso esivele ngomzuzu wokugcina engqungqutheleni sokuthi kumele kuboshwe abesilisa okuyibo abasuke bethenga ngoba omahosha basuke bezizamela. Yinto esazoxoxwa le emagatsheni,” kusho uNksz Sisulu.
UMnuz Buti Manamela oyilungu laleli komiti, uthe kumele bathathelwe izinyathelo ezinqala labo abacekela phansi impahla.
“Kumele bathathelwe izinyathelo ezinqala labo abacekela phansi izikole. Njalo uma kuneziteleka kushiswa impahla yingakho kumele kwenziwe isibonelo ngabathile ukuze bangaphinde bashise impahla,” kusho uManamela.
Uthe kube nesiphakamiso sokuthi kumele okungenani u-30% wezindlu ubekelwe omakadebona, intsha nabesifazane.
UNksz Sisulu uthe bazodla amabhilidi angasebenzi emadolobheni ukuze bakwazi ukwakhela abafundi basemanyuvesi izindawo zokuhlala.
Uthe kunqunywe nokuthi kumele bathathelwe izinyathelo ezinzima labo abadayisa izidakamizwa.
“Kube nesiphakamiso sokuthi labo abanodlame olubhekiswe kwabesifazane kumele izigwebo zabo uma belahlwa amacala ziqale eminyakeni engu-15 kuya ku-20. Ngale ndlela kuzothunyelwa umyalezo onzima kulabo abahlukumeza abesifazane ukuthi bayeke lokhu ngoba zandile izehlakalo zokuhlukunyezwa kwabo,” kusho uNksz Sisulu.