Kubhekwe izindondo kubasubathi bakuleli
INHLANGANO eyengamele ezokugijima, i-Athletics South Africa (ASA), imemezele iqembu labadlali elizomela izwe kwi-IAAF World Championship eLondon, e-England, ngenyanga ezayo.
Iqembu libophele abadlali abane abatholele iNingizimu Afrika izindondo kuma-Olympic, eBrazil nyakenye, okunguWayde van Niekerk obuye negolide nerekhodi lomhlaba ku-400m, Luvo Manyonga othole isiliva kwi-long jump, umpetha ka-800m uCaster Semenya noSunette Viljoen ophonsa i-javelin owathola isiliva. UVan Niekerk uzoyibamba ku-400m naku-200m okuyibanga agcina ukuligijima kumajuniya emiqhudelwaneni emikhulu. Ngaphandle kwabo bakhona nabanye okubhekwe ukuthi bandise isibalo sezindondo zeNingizimu Afrika kule midlalo ezoqala ngomhla ka 4-13 Agasti. Kukhona umgijimi ka-100m u-Akani Simbine owenza kahle ezingeni lomhlaba selokhu kuqale isizini njengoba eshaya izikhathi ezingaphansi kuka-10:00.
URuswahl Samaai owathola indondo yethusi kumaCommonwealth Games eGlasgow ngo-2014, kubonakala ibuyile ifomu yakhe njengoba enza kahle emiqhudelwaneni yangaphandle egxuma ibanga elingaphezulu kuka-8m.
Yize liphumile leli qembu kodwa amasango awakavalwa kwabanye njengoba sisekhona isikhathi sokuzibekisela indawo. Babekelwe umnqamulajuqu kaJulayi 23 ukushaya izikhathi noma amabanga abekwe yi-ASA okuzobafaka eLondon.
Imithetho ye-IAAF ithi izwe ngalinye lingamelwa abadlali abathathu emkhakheni ngamunye.
Okunye, i-ASA izolinda uJulayi 23 ukuzwa amazwe akwazile ukuzibekisela indawo kwi-relay. Okwamanje iqembu le-4x100m labesilisa elikleliswe endaweni ka-7 emhlabeni yilona elinethuba lokungena njengoba kuqokwa ayisishiyagalombili abekwe phambili.
Iqembu elimenyezelwe limi kanje:
100m (abesilisa): Akani Simbine Thando Roto.
200m (abesilisa): Akani Simbine, Wayde van Niekerk, Clarence Munyai, Ncilili Titi.
400m (abesilisa): Wayde van Niekerk.
800m (abesifazane): Caster Semenya.
Marathon (abesilisa): Lusapho April, Sibusiso Nzima, Desmond Mokgobo, Antonio Alkana.
Marathon (abesifazane): Mapaseka Makhanya, Jenna Challenor.
110m hurdles (abesilisa): Antonio Alkana. 400m (abesifazane): Wenda Nel. Long jump (abesilisa): Luvo Manyonga, Ruswahl Samaai, Zark Visser, Khotso Mokoena.
Shot Put (abesilisa): Oratio Cremona, Jaco Engelbrencht.
Javelin (abesilisa): Rocco van Rooyen.
Javelin (abesifazane): Sunette Viljoen.