Iqembu elisha leNFD lilande uMakhoba noweDowns
IRICHARDS Bay FC ethenge ilungelo laMaZulu FC lokudlala kwiNational First Division (NFD) iyaqhubeka nokuqinisa iqembu layo ngezinduku ezintsha ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ifika kuzwakale kule ligi enamaqembu amaningi azibona efanelwe ukudlala esigabeni esikhulu.
Ngesizini edlule iRichards Bay ibiyaziwa njengeThanda Royal Zulu. UPierre Delvaux obephethe iThanda uyidayisile ngemuva kokuthi idle umhlanganiso kwiNFD. Ithengwe AmaZulu okuyiwona asezogijima kwiAbsa Premiership ngesizini ezayo.
USifiso “Jomo” Biyela obeyisikhulu esiphezulu kwiThanda uyena othenge iRichards Bay FC osekungeyakhe.
Isolezwe lihabule izindaba zokuthi isilande uRichard Makhoba ozosebenza njengemenenja yeqembu. UBiyela uziqinisekisile lezi zindaba ngesikhathi ethintwa izolo emini.
“Yebo, uRichard ulapha eRichards Bay. Useyingxenye yeqembu. Uzosebenza njengemenenja. Sikhethe ukulanda yena ngenxa yesipiliyoni sakhe sokusebenza kwiNFD. Siyethemba ukuthi ukuletha umuntu ofana naye kuzokwazi ukusiza iqembu ekutheni lenze kahle,” kusho uBiyela.
IRichards Bay FC izocijwa nguRoger Sikhakhane ozolekelelwa nguJomo Ntuli noSipho Zimba. Leli qembu livele selihlukene noSduduzo Dlamini, Jabulani Ncobeni, Siyabonga Mbatha no-Ayabulela Konqobe bonke abajoyine AmaZulu. UMhlengi Cele naye kubhekwe ukuthi aqede konke noSuthu maduze.
Leli qembu lihlola uMenzi Ndwandwe obeseqenjini lesizwe lakuleli lika-Under-20 elihlulwe kowamanqamu weCosafa Cup, Njabulo Ngcobo, Zola Jinxa, Zakri Williams noSimphiwe Lumkuwana bonke abasemabhukwini AmaZulu. Omunye umdlali ohlolwa yileli qembu nguAndile Cele.
“UKhaya (Shozi) weSundowns usendleleni eza lapha eRichards Bay. Sifinyelele esivumelwaneni sokumboleka kwiSundowns. UMichael (Gumede) usekwiPlatinum Stars esambheka. Ngingakuqinisekisa futhi ukuthi siyaxoxa neWits ngoPaseka (Sekese) nePirates ngabanye abadlali,” kusho uBiyela.
Lizamile ukuthinta uMakhoba leli phephandaba kodwa umyalezo ocingweni lwakhe wathi akathunyelelwe umqhafazo. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engazange aphendule.