UTsiko ukhala ngokuthenjiswa ubala
UZIBONA elinde umnyama ongenafu umpetha we-International Boxing Federation (IBF) InterContinental welterweight, uTsiko “Cruel Junior” Mulovhedzi, othenjiswe impi yokuvikela isicoco sakhe.
UMulovhezi, waseLimpopo, useqoke ukungazikhandli ejimini ngenxa yakubize ngokuthenjiswa ubala nguphromotha wakhe, u-Ayanda Matiti, weXaba Promotions. Wawina ibhande le-IBF ngo-Ephreli ehlula uDario Socci wase-Italy empini ebikade iseFree State. Nakuba uMulovhedzi ewine ibhande ngalolu suku kodwa ungene eringini esedangele emuva kokutshelwa ukuthi usephucwe ibhande le-International Boxing Organisation (IBO) ayelithole ehlula ingqwele u-Ali “Rush” Hour Funeka ngo-2015.
“Angisazi ukuthi kufanele ngenzenjani. Ngilinde uphromotha ulokhu engithembisa impi kodwa njalo ubuya kimina esethi ihlehlile. Angisathembi lutho,” kusho uMulovhedzi.
“Ngithathe isinqumo sokuyeka ukuzigqilaza ngokujima kanzima ngoba ngiyabona ayikho le nto engiyijimelayo. Ngilahlekelwe yibhande le-IBO ngoba yena (Matiti) ethi akasafuni ukusebenzisana nale nhlangano.”
UMulovhedzi uhlale iminyaka eminingi engenaye uphromotha asayine ngaphansi kwakhe. Ezinye izimpi zakhe beziqhathwa nguThulani Magudulela weLudonga Boxing Promotions, eThekwini. Emuva kokuwina ibhande le-IBO ugcine esayine kuXaba Promotions.
“Nginenkontileka noMatiti eyoze iphele ngo-Agasti wonyaka ozayo. Okubuhlungu wukuthi akafuni ukungidedela uma kukhona ophromotha abafuna ukungisebenzisa. Sengizitshelile ukuthi sengiyoze ngilwe ngonyaka ozayo njengoba vele ngihlale ngilwa impi eyodwa ngonyaka. Ikhona impi ayikhomba ngo-Agasti kodwa angisathembi lutho. Angazi sekufanele ngenzenjani ngoba nami nginomndeni okufanele ngiwunakekele,”kusho uMulovhedzi.
Imizamo yokuthola uMatiti izolo ayiphumelelanga. Owesilisa obambe ifoni yakhe uthe unengxoxo nabethelevishini.
Izinto ziqale ukumbhedela uMulovhdezi emuva kokuhlukana nobengumqemqeshi wakhe, uCharles Mabunda, obekade esesebenze naye iskhathi eside. UMabunda wakhala ngokuthi uMulovhdezi usezibona esemkhulu njengoba esephethe ibhande le-IBO.