Sebewasha izitsha abahlengikazi base-RK Khan
SEBEPHOQELEKA ukuthi bawashe izitsha bahlanze namawodi abahlengikazi besibhedlela iRK Khan, eChatsworth ngenxa yokushoda kwabasebenzi.
Kuthiwa abahlengikazi bakwamanye amawodi esibhedlela osekunezikhalo ngokungcola kwaso bagcina sebephakela iziguli ukudla, bawashe izitsha bese behlanza namawodi ngoba abekho abasebenzi abanele okufanele benze lo msebenzi.
UMnuz Ayanda Zulu, onguNobhala wenyunyana yabasebenzi bezempilo iNational Education, Health and Allied Workers Union (NEHAWU) esifundeni saseThekwini uthe bakhathazekile ngesimo sesibhedlela. Uthe inkinga eyasuswa wukumiswa kwezinhlelo zokuqasha ngenhloso yokonga imali isiphazamisa ukunakekelwa kweziguli.
“Nyakenye sike saba nemashi eRK Khan siyokhala ngokuthi ukungaqashwa kwabasebenzi kunomthelela ongemuhle ekuhlinzekweni kweziguli ngosizo lwezempilo. Abahlengikazi bagcina benengcindezi ngoba ngeke basebenze emawodini angcolile,” kusho uZulu.
Uthe izibhedlela okubalwa kuzo iRK Khan zingcole ngendlela eshaqisayo.
Umhlengikazi osebenza eRK Khan ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba uthe basebenza ezimeni ezingezinhle. UMnuz Mandla Shabangu ongumgqugquzeli wenyunyana yabahlengikazi eKZN, iDemocratic Nursing Organisation of South Africa (DENOSA), uthe bayazi ngale nkinga. Uthe sebewatshelile amalungu abo ukuthi angayenzi imisebenzi okungeyona eyawo.
UShabangu uthe nasesibhedlela saseClairwood abahlengikazi bebenziswa itiye bakuphikisa lokhu ngoba akuwona umsebenzi wabo.
“UMnyango wezeMpilo ufike ungazigcwalisi izikhala zabantu abashodayo bese ulindela ukuthi lowo msebenzi kufanele wenziwe abahlengikazi. Uma bengekho abantu abenzela iziguli itiye, abaziqhubayo nabalanda imishanguzo kulindeleka ukuthi kube umhlengikazi owenza lokho. Le nto ayilungile futhi ayenzeki kulezi zibhedlela kuphela,” kusho uShabangu.
Lo mhlengikazi osebenza egunjini lomama abasanda kubeletha uthe abantu abahlanza amawodi basebenza emagunjini aneziguli ezingalali – nabo basebenza bagcine ngehora lesine ngoba yisona sikhathi okuvalwa ngaso lawo magumbi. Uthe igumbi elihlanzwa yilabo basebenzi elisebenza ubusuku nemini yigumbi labalimele. Amanye amagumbi okubalwa kuwo awabalaliselwe ukugula nawababelethile ahlanzwa abasebenzi abavolontiyayo abasebenza bagoduke ngo-12 emini.
“Uma sebegodukile, abahlengikazi abaphakela iziguli bawashe nezitsha. NgoMgqibelo abafiki nhlobo okusho ukuthi kugcina kuyithina esinika iziguli ukudla senze yonke into. Okubuhlungu wukuthi sibancane futhi asikwazi nokuwenza kahle umsebenzi wokunakekela iziguli ngenxa yokushoda kwethu,” kusho umhlengikazi.
Uthe bake babone ukuthi ezinye iziguli azibulawa wukuthi sezigula kakhulu kodwa zishona ngoba zinganakekelwanga ngokufanele.
Ilungu lomphakathi elibhale kwenye yezinkundla zokuxhumana lithe lifisa sengathi uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo, angafika esibhedlela engalindelwe.
Lithe lashonelwa yingane elaliyihambise esibhedlela igula kakhulu. Ngokusho kwalo bahlala ubusuku bonke benganakiwe ingane yashona ilinde ukuthola usizo. Likhale nangokungcola kwamathoyilethi nesibhedlela sonkana.
Isolezwe lithumelele umnyango i-email ngalolu daba kwashaya isikhathi sokushicilela ungabuyelanga entathelini.