‘Izoqhubeka ibe yimpoqo iMaths’
YIZE kunokudideka ngekusasa lokufundwa kweMaths ngenxa yemibiko ethi kungenzeka ingabi yimpoqo kodwa uMnyango wezeMfundo uthi izoqhubeka ibe yimpoqo kubona bonke abafundi.
Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe iMaths iyimpoqo kubafundi abenza uGrade 1 kuya kuGrade 9.
Uthe kwaGrade 10 kuya kwa-matric abafundi bakhetha ukuthi benze iMaths noma iMaths Literacy.
Abenza iMaths Literacy basuke bengezofuna ukwenza imikhakha ezodinga izibalo emanyuvesi.
“Kumele umphakathi ukuqonde ukuthi akekho umfundi ongayenzi iMaths. Umfundi wenza iMaths aze afinyelele kwa-matric ngoba iMaths Literacy wuhlobo lwezibalo,” kusho uMhlanga.
Uthe lokhu kwenza iMaths ibe yimpoqo kubona bonke abafundi.
“Azikho izinhlelo zokuthi sishintshe iMaths ingabi yimpoqo. Ngithi angikucacise lokhu ngoba kunokudideka okukhulu manje emphakathini ngendaba ethinta iMaths,” kusho uMhlanga.
Uthe bakhathazekile ngokuthi kuthiwe abafundi bazozikhethela ngomuso ukuthi benze iMaths noma bangayenzi.
“IMaths ineqhaza elikhu kwezemfundo. Lokhu kufakazelwa nayizinga ephaswa ngalo. Sinyukile isibalo sabafundi abayiphasa ngo-50% kwa-matric,” kusho uMhlanga.
Uthe nabafundi basezikoleni zasemakhaya o-Quintile 1-3 bayiphasa kahle.
Uthe njalo ngenyanga bakhipha u-R360million weMaths, Sayensi nobuChwepheshe ngoba yizifundo ezibalulekile. Ngaphambi kokuqalwa kohlelo okufundwa ngalo manje iMaths yayingeyona impoqo ezikoleni. Abafundi babezikhethela amaqoqo ezifundo amanye awo ayengenayo iMaths. IMaths ibe yimpoqo sekuqalwa iMaths Literacy njengoba umfundi ezikhethela ukuthi enze iMaths noma iMaths Literacy.