Kukhalwa ngamakhadi ngabajike beyoxukuza
KUSOLWA ukungabibikho kwamakhadi ngokuphindiselwa emuva kwabakhulelwe abazoqala ukuxukuza emtholampilo waseSea Cow Lake, eThekwini.
Abakhulelwe abayoqala ukuhamba amakilasi, (antenetal classes) bayagodukiswa kuthiwe kawekho amakhadi asetshenziswa ukugcina iminingwane yabakhulelwe.
Leli khadi lisuke lineminingwane yokhulelwe kusuka eqala ukuya emtholampilo. Uhamba nalo uma edluliselwa esibhedlela kuze kube uyabeletha.
Akucaci ukuthi iqale nini ukwenzeka le nkinga futhi akucaci nokuthi izolunga nini. Obeyoxukuza ocele kugodlwe igama lakhe uthe batshelwe ukuthi abahlale ekhaya balinde ukushayelwa ucingo.
“Ngiye emtholampilo ngoMsombuluko ngatshelwa ukuthi ngeke ngikwazi ukuqala ukuxukuza. Bathe abanawo amakhadi agcina iminingwane. Ngibuyelile izolo nakhona ngatshelwa ukuthi awakabibikho. Bathe angigoduke ngilinde bangishayele uma esekhona,” kusho obeyoqala ukuxukuza.
Lo wesifazane osenezinyanga eziyisithupha ezithwele uthe ukhathazekile ngoba uphuzile ukubona ukuthi ukhulelwe. Uthe uke wazama ukuya esibhedlela i-Addington ngaphambi kokuya emtholampilo watshelwa ukuthi kufanele aqale emtholampilo bese umdlulisa.
Ngo-Ephreli kulo nyaka uNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDkt Aaron Motsoaledi wengeze izinsuku zokuxukuza. Abakhulelwe bebeya kane emtholampilo ngaphambi kokubeletha. UMotsoaledi wathi sekufanele baye emitholampilo izikhathi eziyisishiyagalombili. Waphakamisa ukuthi baye emtholamphilo bengakabi namasonto angu-14 bese bephinda kuze kube bayabeletha.
Okhulumela umasipala weTheku uNksz Tozi Mthethwa uthe bathole ukuthi amakhadi kulomtholampilo ongaphansi kwabo, akhona. Uthe uma amakhadi enganele abahlengikazi bangenza amakhophi.
Unxuse abahlangabezana nezinkinga ukuthi bathinte umasipala ku-031 311 1111.