Usola ushintsho ngokubhacaza kweBucs
USOLA ukushintsha abaqeqeshi njengembangela yokubhacaza kweqembu ngesizini edlule umdlali we-Orlando Pirates u-Abbubaker Mobara.
IBucs ehlanganisa iminyaka engu80 yasungulwa iqede isizini ishwiba izandla. EZimnyama ziphenduke ihlaya ngesizini edlule zithelwa ngehlazo lika 6-1, 6-0 nelika-4-1 emiqhudelwaneni eyahlukene.
Ixetshulwe yiSuperSport United ngo 6-1 kusekhona uMuhsin Ertugral kwathi ngaphansi kuka-Augusto Palacios yalotsholwa yiMamelodi Sundowns ngo 6-0 yomibili obekuyimidlalo yeligi.
UKjell Jovenvret ofike ngomzuliswano wesibili wesizini ubhabhadiswe Amatsatsantsa A Pitori kowamanqamu eNedbank Cup ngenyanga edlule.
UMobara utshele Isolezwe ukuthi ukushintsha abaqeqeshi yikona okubulale iPirates.
“Siyazwelana kakhulu nabalandeli. Sibaphoxile futhi siyethembisa ukuthi sizobuya siyiqembu elingcono kakhulu ngesizini ezayo.
“Iqembu elikhulu njengePirates alikufanele lokhu elikuthole ngesizini edlule.
“Ngesikhathi ngijoyina iPirates bengifuna ukunqoba izicoco. Ngesizini ezayo ngizolwela lokho. Sibulawe wukushintsha kakhulu abaqeqeshi.
“Senze amalungiselelo okuqala kwesizini noMuhsin. Ngesikhathi sesithi siyasibamba isitayela sakhe kwafika uPalacios. Naye ubuye wahamba kwangena uKjell,” kusho uMobara.
IPirates sekuphele amasizini amathathu elandelana ingawini lutho. Igcine ukuphakamisa isicoco ngo-2014 ikhala yemuka neNedbank Cup.
“Umqeqeshi uKjell sizoqala naye isizini. Yize singazange senze kahle emdlalweni wamanqamu kodwa ukufinyelela kuwona kusicacisele ukuthi ngesizini ezayo sizobe siyiqembu elingcono kakhulu.
“Kumthathe izinyanga ezine ukufinyelela kowamanqamu. Ngesizini ezayo uzobe esebenza nathi isizini yonke. Ngakho abantu bangalindela iPirates eyehlukile,” kusho uMobara.
UMobara uqokwe njengomdlali ovelele kuNedbank Cup kulandela ukusiza iqembu ukuthi lifinyelele kowamanqamu walo mqhudelwano.
“Ngeneme ngokuqokwa njengomdlali ovelele kodwa ngifuna ukunqoba isicoco neqembu. KwiPirates angizelanga ukuzonqoba imiklomelo etholwa ngabadlali ngabodwa kodwa ngifuna ukwenza kahle kwami kusize iqembu liwine izicoco.
“Uma ngizothola imiklomelo kodwa iqembu lingenzi kahle kuzofana nokuthi angenzanga lutho,” kusho uMobara.
Khona manjalo izolo leli qembu limemezele unozinti uWayne Sandilands obekwiMamelodi Sundowns njengomdlali walo omusha.
Leli phephandaba libikile ngoLwesithathu ukuthi uSandilands ubheke kweZimnyama ngemuva kokuchayisa iMaritzburg United. Usayiniswe inkontileka yeminyaka emithathu.
Uzobanga ijezi noBrighton Mhlongo, Jackson Mabokgwane noSiyabonga Mpontshane.
Ungumdlali wesibili ukumenyezelwa yileli qembu ngemuva kokuthi emasontweni edlule lethule uThamsanqa Sangweni oyibamba esiswini.
Ezivelayo zithi isithungatha isitobha nokuqhamuka eqhulwini igama likaRivaldo Coetzee we-Ajax Cape Town kanti naphambili liyaphathwa igama lika-Evans Rusike ungumdlali weTeam of Choice.