Bakhala ngokuqolwa yikomiti abathenga umhlaba
ABATHENGA umhlaba ekomitini lendawo eThornville, eMgungundlovu bakhala ngokuqolwa yilona abathi seliqhamuke nomuntu omusha elithi ungumnikazi womhlaba ofuna bakhokhe okwesibili.
Lezi zakhamizi zithi zathenga iziza eziphakathi kuka-20x20m no-40x40m ngo-R50 000 nyakenye. Kulo nyaka leli komiti selithi umnikazi womhlaba ebelimdayisela, usewudayisele omunye umuntu othi ofuna isiza usidayisa ngo-R85 000 okusho ukuthi kumele bengeze ngo-R35 000.
Lo mnikazi omusha bathi uthe iziza azincishiswe uma abathengile beyifuna injengoba injalo indawo kuzomele bakhokhe ngokuphindwe kabili noma kathathu.
Omunye wabathenge isiza nyakenye osakhile, uthi leli komiti liphoqa bonke abathenga kulo ukuthi bakhokhe kabili. Libuye libasabise ngokuthi lizozidiliza izindlu zabo esezakhiwe noma lizidayisele abanye abantu.
“Leli komiti libonakala linobugebengu, lingondlovukayiphikiswa. Lifuna sivume lokhu elikushoyo. Wake wakuzwa ukuthi sewakhile kuthiwe sekunomnikazi womhlaba omusha othi yengeza imali. Umnikazi womhlaba omusha ukwenza kanjani ukuthi akukhokhisele into owayithenga engakafiki. Ubuqili bonke lobo, laba bantu sithole ukuthi bayazana benza indlela yokuthi baphinde bathole imali ephindiwe kithina,” kusho yena.
Uthe kwayena lo okuthiwa ungumnikazi womhlaba uma kubhekwa ubunikazi bomhlaba akaveli, kuvela omunye.
“Umkholwa kanjani umuntu othi ungumnikazi womhlaba kodwa uma ubheka ehhovisi lobunikazi bomhlaba kwamasipala kuvela omunye. Uma sibuza ukuthi ngubani lo, uthi bayasebenzisana. Akuveli ukuthi ukusebenzisana lokhu kuchaza ukuthini. Uma simshayela ucingo uyathetha akafuni ukusichazela,” kusho yena.
Uthe kunemizi leli komiti eselithi liyayidayisa ngoba abanikazi balo bengavumi ukukhokha lo R35 000.
Ngakolunye uhlangothi ikomiti lithi abathenga iziza kulona babazi ukuthi umhlaba bayawuntshontsha.
UNkk Nomusa Nkabinde osekomitini ebelidayisa iziza ethintwa uthe: “Abathenga umhlaba emakomitini babazi kahle ukuthi umhlaba untshontshiwe manje sekufike umnikazi womhlaba onamaphepha. Angazi ukuthi sebeyofunani ephepheni, angifuni ukukhuluma kakhulu ngalolu daba ngicela ukhulume nomnikazi womhlaba,” wavala ucingo.
UMnuz Bongani Zondi naye osekomitini elidayisa izindlu uzihlangulile wathi akavumelekile ukukhuluma nabezindaba ngoba akuyena okhulumela ikomiti. Ebuzwa ukuthi ubani olikhulumelayo, uthe akathintwe namhlanje olikhulumelayo uzobe ehamba naye kodwa wenqaba waphetha ukusho ukuthi ungubani, nezinombolo zakhe akazikhiphanga.
Okuthiwa ungumnikazi womhlaba omusha uMnuz Bongani Mazibuko ukuqinisekisile ukuthi nguyena umnikazi womhlaba ongu-24.6ha. Lo mhlaba uthe uwuthenge kuMnuz Sukdo Takurpasard kodwa ubunikazi abukabuyeli egameni lakhe.
Uthe kulo mhlaba kunabantu abazingenela ngodli kuwo base bedayisela abanye ngo-R50 000 ekubeni yena isiza esidayisa ngo-R85 000.
“Lolu daba salufaka enkantolo. Kuthe uma sekubonakala ukuthi luyajiya abasemakomitini ababedayisela abantu iziza beza kimi bathi bacela ukuthi sibonisane. Savumelana ngokuthi bazokhuluma nababadayisela babachazele ukuthi isiza esiwu-600m2 siwu-R85 000. Ababekhokhe u-R50 000 kuzomele bengeze ngo-R35 000. Uma isiza abasithenga singaphezulu kwalokhu sizoklanywa kabusha bese umnikazi waso ekhokha leyo mali eshodayo noma kudayiselwe omunye,” kusho uMazibuko.
Abathenga iziza bathi abasemakomitini babethi umhlaba ngokaBhagwanarth abangalazi igama lakhe.
UTakurparsad, uthe umhlaba wawudayisela uMazibuko ngo-2015 kodwa ubunikazi abukadluliselwa kuyena ngoba uMazibuko ubeshodelwa yimali futhi kunenkinga yabantu abantshontsha umhlaba. Uthe uBhagwanarth wayesebenzisana naye engumxhumanisi wakhe noMazibuko. Uthe ikomiti alikaze libe nesivumelwano sokuthi libadayisele umhlaba. UBhagwanarth ubengummeli, ubezama ukuvimba abazingenela kulo mhlaba ngenkani.