Kuyalwe amadoda emashini
ABAZALI babafundi abafunda ezikhungweni zemfundo ephakeme abaqashe emafulethini kumele bahlale benolwazi ukuthi izingane zabo zihlala nobani.
Lokhu kushiwo iMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede ngesikhathi kunemashi yamadoda ebihlelwe uNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Willies Mchunu, eThekwini, ngoLwesihlanu.
UNkk Gumede, uthe sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukubulawa kwabafundi izidumbu zabo zilahlwe ophahleni lwamafulethi eThekwini.
“Amadoda make abe nonembeza nalawo abesanomuzwa wokwenza izinto ezinjengalezi siyacela ukuthi ayeke. Sesikhathele ukucosha izidumbu zezingane zabantu ezibulewe kabuhlungu. Bazali qaphelani abantu abahlala nezingane zenu emafulethini,” kusho uNkk Gumede.
UMnuz Sihle Zikalala onguNgqongqoshe wokuThuthukiswa koMnotho, KwaZulu-Natal obemele uNdunankulu kule mashi, uthe njengoba kuyinyanga yamadoda bagqugquzela ukuthi amasonto nezinye izikhungo zikhuthaze ukuvuselelwa kwesakhiwo somndeni.
“Uma kungavuselelwa isakhiwo somndeni amadoda azokhumbula ukuthi yini okumele ayenze emndenini. Amaphara lawa okukhalwa ngawo ngamadoda akhetha ukukhohlwa ukwenza okulindelekile endodeni aqoma ukuhlala ezitaladini,” kusho uZikalala.
Uqhube wathi lesi sifundazwe sike sahlaselwa isihlava sokuthunjwa kwamantombazane.
Uthe ukusabalala kwale mibiko kufake itwetwe emphakathini wakulesi sifundazwe.
“Abantu besifazane mabake bazifundise ukuthi bangakufihli ukuhlukunyezwa ngoba kuphetha ngokuthi babulawe. Ukuhlukunyezwa akuqali ngokubulawa kuqala ngokushaywa ngempama kowesifazane afihle, kuqhubekele esigabeni esilandelayo lapho owesifazane esehlukunyezwa ngokocansi, nalapho aphinde athule kuyoze kuzwakale esebulewe lapho usuke ungeke usabuyiselwa umphefumulo.”
Uthe izibalo zoMnyango wezeMpilo zika-2016/17 zikhombisa ukuthi angu-55 000 amacala okuhlukunyezwa kwabesifazane abikiwe kuwo angu-11 466 aKwaZulu-Natal, u-37% wawo avulwe eThekwini.
Ngokwalezi zibalo bangu-4 582 abadlwenguliwe abanikezwe umshanguzo wokuvikela ukungenwa yigciwane lengculazi.
“Okubi wukuthi kulezi zibalo kuvela ukuthi u-39% wabadlwenguliwe yizingane ezineminyaka engaphansi kuka-12. Umuntu onjani odlwengula ingane eneminyaka ewu-12?”
UZikalala unxuse amaphoyisa ukuthi awaphenye kahle amacala.