IMaritzburg United ifuna ukuthenga owe-Downs
IMARITZBURG United isezinhlelweni zokuthenga umdlali weMamelodi Sundowns, uKwanda Mngonyama.
UMngonyama usebolekiswe kwiTeam of Choice amahlandla amaningi. Usihlalo weqembu, uFarook Kadodia, uthe bafuna ukumthenga ngokuphelele uMngonyama njengoba kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali.
Ngesizini edlule uMngonyama, odabuka eNdwebu, eXopo, usize iTeam of Choice yaqeda endaweni yesikhombisa ku-log ye-Absa Premiership.
“UKwanda sifuna ukumthenga kwiSundowns. Nayo iyazi ngalokhu ngoba sesiyitshelile. Konke kuzoncika ezingxoxweni kodwa sifuna ukumbuyisa bese eba ngumdlali wethu ngoba naye weneme lapha eqenjini,” kusho uKadodia.
UMngonyama udlale ezindaweni eziningi ngesizini edlule. Uke wayibamba ngakwesokudla emuva, phakathi nenkundla emuva nasenkabeni yenkundla.
Ethintwa uThulani Thuswa wezokuxhumana kuSundowns uthe: “Angiyazi eyokuthi iMaritzburg ifuna ukumthenga. Nokho ngingakuqinisekisa ukuthi uMngonyama kunamaqembu amfunayo. Okwamanje umdlali usesekhaya. Abadlali abebebolekiswe bebengakavuli. Iqembu belisaphansi phezulu nemidlalo yamaqoqo eCaf Champions League.”
ITeam of Choice izodudulana neSundowns kuma-quarterfinal eMTN 8. IMaritzburg iyona ephazamise iSundowns embangweni wesicoco seligi. UKadodia ukubeke kwacaca ukuthi okwamanje akagxilile ekudayiseni abadlali bakhe abamqoka.
“Angifuni ukuzixaka ngendaba yokudayisa abadlali. Okwamanje sifuna ukuqinisa iqembu lethu ukuze sikwazi ukusiza umqeqeshi (uFadlu Davids) azuze imibandela esimbekele yona. Ngakho angikwazike ukukhuluma ngokudayisa uRusike (Evans) nabanye abadlali,” kusho uKadodia.
URusike kuvela ukuthi ugaqelwe yi-Orlando Pirates neKaizer Chiefs. Omunye umdlali ofunwa yiChiefs nguDeolin Mekoa obekufanele ajoyine iSundowns kodwa yabuye yajika umqondo.
Yize engadayisi uKadodia kodwa kukhona abadlali ebachithayo, okubalwa kubo nonozinti uVirgil Vries, okwenza ukuthi usihlalo angene emakethe efuna unozinti azoqinisa ngaye. Ukuvezile ukuthi ubemfuna uWayne Sandilands obeyibamba kwiSundowns kodwa osephelele kwi-Orlando Pirates.