UMncube ubuyele kwiRoyal Eagles
UBUYELE kwiRoyal Eagles kwiNational First Division (NFD) umdlali waKwaMashu, uMazwi” Jomo” Mncube, obekuthiwa ufunwa ngaMaZulu FC ukuze aqinise isikwati sawo njengoba esebuyele ku-Absa Premiership.
UMncube, obegijima kuMthatha Bucks kuNFD ngesizini edlule, uphenduke inyama emaqenjini agijima kuPremier Soccer League. Emasontweni adlule Isolezwe belihoshe ukuthi izikhulu zoSuthu ziphansi phezulu zinxusa uMncube ukuthi asayine kulona uma kuwukuthi iPSL igcina ikuphasisile ukuthenga kwalo iThanda Royal Zulu. Kujabule iKwaZuluNatal yonke ngesikhathi iPSL ivuma isicelo saMaZulu neThanda.
Nokho kuvele ukuthi Usuthu lwahosha izinyawo ngendaba kaMncube osesayine inkontileka yeminyaka emibili ne-Eagles. UMncube, osedlale emaqenjini okukhona kuwona iLamontville Golden Arrows, usebuya okwesibili eqenjini. Uhambe kungasekuhle eminyakeni edlule ekhonjwa indlela ngumqeqeshi uKhabo Zondo phakathi nesizini. Ngaphandle kwalokho i-Eagles yanqaba ukuthi ayojoyina iChippa United ayesevumelene nayo.
“Sakhuluma naMaZulu kodwa kwabuye kwaphelela emoyeni. Ngisayine ku-Eagles ngoba kungasekho okucacayo ekubeni isikhathi siyahamba,” kusho uMncube.
“Ukhulumile nami usihlalo (Sbu Mpisane), ngachaza ngezinkinga ezenzeka ekuqaleni. Manje ngizosebenzela izinhloso zeqembu, okuwukunyukela ku-Absa Premiership ekupheleni kwesizini. Uma sihluleka lokho kufanele sizibekisele indawo kumaPlay-Off.”
Emasontweni amabili edlule uMncube ubehlele umqhudelwano webhola wamaqembu ka-Under 15 awubiza ngeMazwi Jomo Mncube Development Tournament. Kugadulisane amaqembu ayisishiyagalombili. Umhlanganiso udliwe yiMoria Academy ehlule Induna Academy ngo 2-0 kowamanqamu.
“Inhloso yami wukuvulela abadlali abasebancane amathuba ngoba azikho izinhlaka ezivumela lokho emalokishini,” kusho uMncube.