‘Bakhona asebeboshiwe ngolwaseGlebe’
AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal athi bakhona asebeboshiwe mayelana nokubulawa kwabantu ehostela iGlebelands kodwa ngeke athi leli hostela seliphenduke isidleke sezinkabi. Okhulumela amaphoyisa, uColonel Thulani Zwane, uthe akulona iqiniso ukuthi leli hostela seliyisidleke sezinkabi njengoba kukhona abasho lokho. “Amacala amaningi athinta iGlebe aphenywa oKlebe nophiko olulwa nobugebengu obuhleliwe. Bakhona ababoshiwe mayelana nezigigaba zaseGlebe,” kusho uZwane. UZwane usho lokhu kulandela isikhalo sokuthi leli hostela seliphenduke isizinda sezinkabi iningi lazo elisoconga abaholi be-ANC esifundazweni. Abanye babaholi abasinde bedutshulwa kubalwa ikhansela le-ANC eMzimkhulu uMnuz Sindiso Magaqa, nozakwabo waku-ward 11 uNksz Nonsikelelo Mafa nekhansela laku-ward 16, uNksz Jabu Mzizi. Okhulumela iMeya yeTheku, uMnuz Mthunzi Gumede, uthe bayazizwa izikhalo ngeGlebe kodwa yindaba ebucayi abangeke baphendule nje ngaphambi kokuthinta izinhlaka zomphakathi kule ndawo. “Indaba yaseGlebe ibucayi, kudingeka siqale sithinte izinhlaka zakhona ngaphambi kokuba siphendule ngayo. Kodwa siyazizwa izikhalo zomphakathi,” kusho uGumede. Khonamanjalo okhulumela oKlebe, uBrigadier Hangwani Mulaudzi, uthe uphenyo seluqalile mayelana nokuhlaselwa kwamakhansela amathathu aseMzimkhulu, wengeza ngokuthi sebelindele ukuthatha izitatimende kulabo abalimele. Okhulumela i-ANC esifundazweni, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe azikho izinhlelo abanazo zokuqinisa ukuphepha kwamakhansela abo eMzimkhulu. “Kodwa esikwenzile ukuthi sicele amaphoyisa ukuthi awabonakale kakhulu kule ndawo ngoba siyabona ukuthi isimo asisihle khona,” kusho uNtuli. Uthe okwamanje kunzima ukusho ukuthi lokhu kuhlasela kusuka kuphi ikakhulukazi njengoba amacala engakaqulwa ngisho enkantolo. UNtuli uthe uyakuqaphela ukuthi umbhobho wesibhamu ubheke kumakhansela abo kuphela. UNkk Sindy Msomi, onguNobhala we-ANC esifundeni iHarry Gwala, uthe bahlalele ovalweni bengamalungu ale nhlangano waphika ukuthi lokhu kubulalana kuhlobene nombango wezikhundla njengoba kuyiwa engqungqutheleni yokukhetha ubuholi besifunda. “Kade zazibakhona izingqungquthela zokukhetha ubuholi esifundeni kodwa akukaze kwenzeke ukuthi kube nezigameko zokubulalana njengoba kwenzeka manje. Sonke sithukile ngoba asazi ukuthi kuzolandela bani,” kusho uNkk Msomi.