Bamashele indlela okuphethwe ngayo ipulazi
UMTHETHOSIVIVINYWA WAKWAZULU-NATALI WESIKHWAMA SOMASIPALA SEMPESHENI ESIHLANGANYELE (SOMHLALAPHANSI), KA-2016, UMTHETHOSIVIVINYWA WAKWAZULU-NATALI WESIKHWAMA SOMASIPALA SEMPESHENI ESIHLANGANYELE (UMASIPALA OZISUNGULELE SONA), KA-2016 KANYE NOMTHETHOSIVIVINYWA WAKWAZULU-NATALI WESIKHWANA SOMASIPALA ESIHLANGANYELE SEMPESHENI ESIZIMELE, KA-2016
SISHUBILE isimo emphakathini waseKranskop, KwaMaphumulo, ngenxa yezikhalo zokuthi kuzuza abantu abangewona amalungu esikhwama sepulazi.
Izolo kunamalungu omphakathi amashele emahhovisi eThuba Farming, inkampani esolwa ngokuzenzela esikhwameni samalungu ngaphandle kokuwazisa. Umbango usuthathe isikhathi njengoba kuthiwa amalungu Amangcolosi Community Trust, aweneme ngendlela eseliphethwe ngayo ipulazi elikhiqiza izingodo.
UMnuz Joseph Khathi, obehola imashi, uthe wayengomunye wamalungu esikhwama. Okwenze ukuthi babe nemashi izolo ukuthi sebezame konke ukubuyisana nabenkampani ababanga nayo. Uveze ukuthi ngoJuni 24 kwaba nomhlangano owagcina udungekile ngenxa yokuphakama kwemimoya kwamalungu esikhwama nabaphethe ipulazi. Umhlangano wabe usuhlehliselwa uJulayi 8 okuthe uma uhlangana kwanamalungu avalelwa ngaphandle.
Phakathi kwezikhalo obekumashelwa zona kubalwa inkohlakalo okuthiwa yenziwa yiThuba Farming.
“Sekuhlomula ngisho abantu abangenanwo amanxiwa epulazini, kusale ngaphandle abafanele. Amalungu esikhwama akhona manje asephelelwe yisikhathi. Bekumele kukhethwe amasha kodwa bazikhethela bona ngaphandle kwamalungu afanele. Kuchitshiyelwe nomqulu kwafakwa isigaba sokuthi umhlaba ubolekiswe iminyaka ewu35,” kusho uKhathi.
Okunye obekusohlwini lwezikhalo, yizinsolo zokuthengelwa kwenkosi imoto nokulungiswa komuzi wayo ngemali yamalungu. Kuthiwa epulazini sekwakhiwe isonto, ngaphandle kwemvume yamalungu.
Ngesikhathi sokuloba amalungu abemasha abelinde ozokwamukela incwadi yezikhalo.
Isikhulu esiphezulu seThuba Farming, uMnuz Sibusiso Dlamini, sithe besingazi lutho ngemashi.
“Engikwaziyo wukuthi akuwona amalungu esikhwama anganeme kodwa kunabathize abagqugquzela lo mbango. Angizazi nezikhalo abazishoyo kodwa uma kukhona onganeme uvumelekile ukuya enkantolo. Imashi siyithatha njengengekho emthethweni kodwa sizothumela omunye wabasebenzi bethu amukele incwadi,” kusho uDlamini. Inkosi uNkosikhona Bhengu ikuqinisekisile ukuthi kwaba nodweshu emhlanganweni wangenyanga edlule ngenxa yokuthi kunabangewona amalungu esikhwama ababefuna ukungenela ukhetho.
“Besingazi ukuthi kusenenkinga ngoba sagcina sikhethe amalungu amasha futhi kuvota abafanelekile. Abathi bavalelwa yingoba kwakufuneka kuphela abanelungelo lokuvota. Esingakusho wukuthi noma yikuphi lapho kunemali kuhlala kunombango.”
UBhengu uthe imoto wayithengelwa amalungu esikhwama futhi akufihliwe. Uphonsele inselelo abanezikhalo nezinsolo zokukhwabanisa ukuthi badlulele enkantolo.