Ikhwelo ngembewu ye-strawberry
ABACWANINGI bezolimo kusamele basungule imbewu yama-strawberry. Lokhu kushiwo yiphini likaNgqongqoshe wezoLimo nokuDoba, uMnuz Bheki Cele, evakashele ipulazi okuyilona kuphela labantu abamnyama elitshala amastrawberry ezingeni lokudayisa.
UCele lokhu ukusho ngemuva kokuthola ukuthi imbewu ye-strawberry etshalwa eCappeny Estate ithengwa emazweni aphesheya bese kuthi ingxenye yenzuzo ibuyiselwe khona ngoba yibona abangabanikazi bembewu (royalties).
Ipulazi lasungulwa nguNkk Yoliswa Gumede nomyeni wakhe uXolani ngo-2013.
UCele uthe kuyishwa ukuthi abantu bakuleli kumele baze bayothenga imbewu pheshaya baphinde bakhokhele abakhiqize imbewu ingxenye yenzuzo yabo.
“Sinesikhungo esicwaninga siphinde sikhiqize imbewu yakuleli, i-Agricultural Research Council (ARC). Ngisanda kuvakashela kusona ngathola ukuthi bakhiziqa imbewu yamazambane ehlukene. Ngikholwa wukuthi lesi sikhungo singakwazi ukwenza okufanayo nakwistrawberry,” kusho uCele.
UGumede uthe njengoba sekuphele iminyaka emithathu bekule ndima bayafisa ukusiza abanye abalimi abamnyama ukuze bangene kulo mkhakha bese bedayisa ngokuhlanganyela.
“Kithina konke kube nzima ngoba bekungakaze kube nomuntu otshala ama-strawberry enyakatho yeTheku ngenhloso yokudayisa. Bekunenkolelo yokuthi ngeke kuze kwenzeke ngoba bekungakaze kuhlolwe kubonakale ukuthi ayavuma yini. Thina sazitshela ukuthi njengoba izinhlobo esizitshalayo zivuma eCarlifonia nalapha zizovuma ngoba isimo sezulu sicishe sifane,” kusho uGumede.
Uthe ngenxa yalokhu kube nezikhinsi eziningi abangene kuzona abafisayo ukuthi basize abanye abalimi ukuze bangangeni kuzona.
UNkk Gumede uthe okuhle ngamastrawberry wukuthi imakethe yawo ivulekile.
“Ugcina wehluleka ukukwenelisa amakhasimende ngenxa yokuthi umhlaba esinawo muncane. Uma singathola abanye abantu sihlanganise umkhiziqizo wethu ndawonye, uma siya ezimakethe siye siyimbumba, singakwazi ukuqhamuka nomkhiqizo omningi. Uma sesifuna ukudayisa kwamanye amazwe nakhona kungaba nesisindo kunokuthi kuqhamuke inkampani eyodwa futhi etshala emhlabeni omuncane,” kusho yena.
Njengamanje uNkk Gumede uthe batshale izinhlobo eziyisikhombisa zama-strawberry abazitshale emhlabeni ongamahektha ayisishiyagalombili.
UCele uthe uzosicubungula isicelo sabakwaGumede sokuthi basebenzisane nomnyango ukuthuthukisa abanye abalimi.
“UMnyango uma uzofaka isandla ubheka ukuthi ngabe ipulazi likhiqiza ukudla yini, liwavulile yini amathuba omsebenzi nokuthi liyawuthuthukisa yini umnotho. Lezi zinto ezintathu ziyenzeka kuleli pulazi kodwa sisazobheka ukuthi singasebenzisana kanjani,” kusho ungqongqoshe.