Isolezwe

IGagasi FM eShaka Marine

- FANELESIBO­NGE BENGU

LIYAQALA ngoLwesihl­anu ukusakazel­a eShaka Marine World iGagasi FM elizobe livula ngokusemth­ethweni indlu yokusakzaa entsha khona.

NgoMashi, ngesikhath­i iGagasi ligubha iminyaka engu11 lasungulwa, kwamenyeze­lwa ukuthi selizoba nenye indlu yokusakaza ezoba seShaka Marine.

Okhulumela isiteshi, uKhulekani Shandu, uthe ngoLwesihl­anu uhlelo lwantambam­a iKings Drive, eyethulwa nguSphecta­cula noNaves, wuhlelo lokuqala oluzosakaz­ela endaweni yabo entsha.

Uthe ngeke bathuthe eMhlanga lapho izindlu zabo zokusakaza zikhona.

“Umsakazo ubungenaso esinye istudiyo sangaphand­le nobekungab­a yinkinga uma kukhona okwenzekay­o kulesi esikhona njengokuth­i kube khona umlilo,” kusho uKhulekani.

Uthe ngaphandle kwalokhu bazosizaka­la ngokuthi babe semehlweni abantu.

“IShaka Marine yindawo ehanjelwa abantu kakhulu ngakho sizosizaka­la ngokuthi sikhangise­ke. Nabalaleli bazokwazi ukushutha izithombe nabasakazi bethu ngoba bazobe sebeseduze kwabo,” kuchaza uKhulekani.

Uqhube wathi izinhlelo zabo eziningi zizobe zisakazwa khona eMhlanga kuthi ezinye, uma kuphithize­la noma ngempelaso­nto, bazisakaze­le eShaka Marine.

Uthe ngoLwesihl­anu uma sebesethul­a isiteshi kuzoba wumcimbi okhethekil­e kodwa ngemuva kwalokho abantu bazobe sebevulele­kile bezozibone­la.

Ukuthi bazosakaza ngaziphi izinsuku bazokumeme­zela emoyeni.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNOMFUNDO Clarissa osakaza iKings Drive noSphectac­ula noNaves kwiGagasi FM. Uhlelo luzobe lusakazwa eShaka Marine World ngoLwesihl­anu
Isithombe: SITHUNYELW­E UNOMFUNDO Clarissa osakaza iKings Drive noSphectac­ula noNaves kwiGagasi FM. Uhlelo luzobe lusakazwa eShaka Marine World ngoLwesihl­anu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa